ElaseMpumalanga lingalenzela ufefe elaKwaZulu-Natal
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Kubukeka kuyimithandazo kuphela engenza iqembu laKwaZulu-Natal iMidlands Wanderers FC, ikwazi ukudlulela kowandulela owamanqamu emidlalweni yamaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League.
Leli qembu ebelibhekiwe ukuthi linyukele esigabeni seMotsepe Foundation Championship (MFC) ngesizini ezayo, alenzanga kahle emidlalweni yayo emibili yamaqoqo njengoba kowokuqala lidlale ngokulingana neZizwe United yaseWestern Cape labe selihlulwa ngegoli elilodwa eqandeni kowesibili iThe Bees yaseMpumalanga eGiant Stadium, eSoshanguve, ePitoli, izolo ntambama.
Sekumele ithandazele ukuthi iThe Bees evele isizibekele indawo kowandulela owamanqamu ihlule iZizwe United ngamagoli amabili kuyaphezulu, bese nayo ingangenelwa igoli ukuze iMidlands Wanderers FC izokwazi ukudlulela kumzuliswano olandelayo.
Uma kugcina ngokuthi iMidlands Wanderers FC ayidluleli phambili, kobe ukusho ukuthi sekuphele iminyaka eyi-9 kwagcina ukuthi kube neqembu laKwaZulu-Natal elinyukela kwi-MFC. Iqembu elagcina ukwenza lokho uThongathi FC ngonyaka wezi-2016 kunyaka ongemumva kwalowo kwaba iReal Kings.
Le midlalo yamaPlay-Offs iqhubeke ngendlela engajwayelekile njengoba iSafa inqume ukuthi awekho angabibikho amaqembu azomela izifundazwe ezimbili okuyiLimpompo ne-Eastern Cape. Imbangela yalokho ingoba bekunombango ophakathi kwamaqembu obekumele kube yiwo aba yingxenye yalemidlalo.
Ngenxa yokushoda kwamaqembu kuqoqo B noqoqo C, iThames FC yaseNorth West eguqise iKakamas Juventus ngamabili kwelilodwa 2-1, neGomora United yaseGauteng enenebule i-African Warriors ngamathathu eqandenio 3-0, sebezibekisele indawo kweyandulela owamanqamu njengoba sebeyisongile eyabo imidlalo.
IGomora United ingene ngopotsho njengoba ibiqede endaweni yesibili kulogi yaseGauteng, kwaphucwa iHighlands Park amaphuzu kwabe sekuhlala yona phezulu.

