UGumede usinde esekhishwe ngesango kwi-Arrows
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Ukulimala kanzima kuka-Ismail Watenga ongunozinti weLamontville Golden Arrows, kwenze leli qembu lashintsha umqondo ngoNkosingiphile “King” Gumede ebeselimkhombe indlela.
UWatenga ulimale kanzima ngesikhathi izwe lalapho adabuka khona i-Uganda idlala umdlalo wobungani neMorocco. Ngenxa yokubukeka kwesimo sokuthi kusekude alulame i-Arrows ibe isibuyisa uGumede obesefana nengane kuleli qembu njengoba afika kulo esayibhobhodlwane.
“I-Arrows iqale ukuzungiselela isizini entsha ngoMsombuluko uGumede uziqeqesha neqembu, iqiniso ukuthi ubesekhululiwe. UWatenga indlela alimele ngayo ibucayi kakhulu, ngalokho iqembu bekumele lingene emakethe lithole omunye unozinti ukuze bezoba bathathu makuqala isizini” kusho uMthombo.
UGumede waqala ukuvimbela iqembu elikhulu le-Arrows ngonyaka wezi-2011, umdlalo wokuqala wavimba bedlala ne-Ajax Cape Town (Cape Town Spurs) ngoZibandela.
Njengoba ubehanjiswa ingoba ubelizwa ngendaba ijezi kuvimba uWatenga no-Edward Maova.
Kusukela ngowezi-2011 uvimbe imidlalo eli-132 ungenelwe amagoli ali-148, wakwazi ukuba nama-Clean Sheets angama-33.
Njengoba kulimele uWatenga uGumede ijezi uzolibanga noMaova kanye noXolani “Mduzu” Ngcobo osuka kwiRoyal AM.

