Now Reading
IMeya yesiFunda iMajuba ixwayisa abenza inkohlakalo ngamanzi
Dark Light

IMeya yesiFunda iMajuba ixwayisa abenza inkohlakalo ngamanzi

Ibamba leMeya kaMasipala isiFunda iMajuba uMnu uThembelihle Mthembu uthi bazoyilwa lempi yalabantu abafeza izimfuno zabo ngamanzi engabe atholwa umphakathi.

UMnu Mthembu uveze lokhu kade enesithangami sabezindaba, njengoba namuhla eqeda izinsuku ezingama-50 angena ehhovisi elabe lihlezi uMntwana uNdabuko Zulu owayalelwa iqembu lakhe i-Inkatha Freedom Party (IFP) ukuba esule.

“Inkinga yamanzi inkulu kakhulu lapha kwisiFunda iMajuba, okunye esikubonile okuyimbangela yalokho ukuthi abantu bafeza izimfuno zabo ngamanzi engabe aya ebantwini. Sithole ukuthi kunomuntu okhanda amabhulokisi oxhume ipayipi eliya kwakhe, lokho kwenza kuphazamiseke ukuhamba kwamanzi. Omunye sithole ukuthi unesimu lapho atshale khona umbila, naye ubenza esifanayo sakwazi ukuba sikumise lokho. Siyathembisa ukuthi sizolwa ukuthi abantu bewathole amanzi” kusho uMnu Mthembu.

See Also

Uphinde waveza ukuthi isiphehli manzi esakhiwa ngemali elinganiselwa kwizigidi ezingama-R60, eNewcastle esakhiwa ngonyaka wezi-2019 uphenyo siyaqhubeka njengoba singasebenzi. LesiFunda sesifake isicelo sokuthi uMasipala waseNewcastle ubaboleke isiphehli manzi esisodwa esizophakela uMasipala waseDanawozi.

Scroll To Top