Now Reading
Baningi abadlali abazokhonjwa indlela kwiMilford FC
Dark Light

Baningi abadlali abazokhonjwa indlela kwiMilford FC

Iqembu eligijima kwi-Motsepe Foundation Championship (MFC) iMilford FC kuvela ukuthi baningi abadlali engeke ibabuyise ngesizini ezayo, njengoba abaningi benikeziwe ithuba kodwa bangalisebenzisa.

Ekuqaleni kwesizini edlule leli qembu lalenza kahle kakhulu, kubukeka kungenzeka liqede libalwa namaqembu amathathu aqede phezulu kulogi kodwa ngomzuliswano wesibili zijikile izinto lagcina liqeda endaweni yesithupha.

Ukungaqedi endaweni efanele akumphathanga neze kahle uDkt Xanti Pupuma onguSihlalo weqembu.

Ngokuthola kwelaboHlanga kumagama abadlali abahambayo kukhona uThobani Mncwango, uDiamond Thopola, uThobela Sikhakhane, uMakhetha Tsotetsi, uBongani Nkone, uShane Saralina noVuyo Macina.

ElaboHlanga likhulume nomthombo ozazi zonke ezangaphakathi kuleliqembu uthe: “Kuliqiniso ukuthi inqwaba yabadlali bayahamba kuleli eqenjini. Labadlali abahambayo balitholile ithuba, bangalisebenzisa ingakho bededelwa. Ngaphandle kwalabala kusengenza mhlambe kube nabanye abakhululwayo”.

Njengoba ichitha abadlali kusho ukuthi izongena emakethe ngenhloso yokuqinjsa isikwati sayo ngesizini ezayo.

Uqhuba umthombo uthe: “UPupuma ufundile ukuthi makusayiniswa kumele kusayiniswe umdlali ozolisiza iqembu ayi ozokwandisa isibalo nje. Ngalokho lena yokusayinisa abadlali izokwenzeka kodwa ngeke ayixhamazelele. Kule sizini ezayo uzimisele ukuba sembangweni wokunqoba iligi, ngalokho abantu kuzomele balindele okhilimu babadlali abazosayiniswa iMilford FC”.

See Also

ElaboHlanga libabonile bonke abaphathi beMilford FC ePinetown naseMlazi kade bezobheka abadlali kwi-S E Sithole Tournament kanye nakwiKhabba Cup.

Omunye wabadlali ekuthiwa kungenzeka aphelele kulelj qembu uSphelele “Bhelekwane” Mazibuko ongumdlali woMkhambathi FC odlala kwi-Safa KZN ABC Motsepe League, kodwa bambone edlala eqenjini iX1 Touches ebimupikile kule mqhudelwano emibili engenhla.

Mayelana nokuthi ubani ozoqeqesha iStallions (iMilford FC) umthombo uveze ukuthi uzozibambela yena mathupha uPupuma kwazise isizini iphele sekunguyena ozibambele ebhentshini kusukela kwahamba uMandla Qhogi.

Scroll To Top