Liyamfimfa ikusasa likaShezi kwiSekhukhune United
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


UKhulekani Shezi oyisitobha seSekhukhune United kubukeka emancane amathuba okuthi usezophinde aligqoke ijezi laleliqembu.
Kusukela liqalile iqembu ukuzilungiselela isizini ezayo uShezi akabonwa nangokhalo ejimini, ekubeni engalimele.
UJoyine iSekhukhune United esuka kwiRoyal AM ufike ngasekupheleni kwesizini edlule wadlala imidlalo emithathu kuphela, kwazise wathola nekhadi elibomvu eminye imidlalo wayibuka nezihlwele.
“UShezi kubukeka zingamhambeli kahle izinto kwiSekhukhune United. Kuthe makuqala iqembu liziqeqesha yena wangaba yingxenye yalo, lokho kushiye imibuzo ngoba usemncane futhi akalimele. Uthe mayebhalela isikhulu esiphezulu seqembu, samtshela ukuthi ngathi umqeqeshi uTinkler (Eric) akasiboni isikhala sakhe eqenjini” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe: “Ube esesho ukuthi ufuna inkokhelo njengoba kulesizini ezoqala uma ekade ezoqala isizini yakhe yokuqala kwamathathu awasayinile. Kubukeka kuyilokhoke okungacaci ukuthi iSekhukhune United izomchitha noma izoqhubeka yini ngoba kusho ukuthi kuzomele imkhokhele itshe lemali”.
IBabina Noko (iSekhukhune United) isivele ikhulule uPogiso Mahlangu, uLoydt Kazapua, uKamohelo Sithole noMiguel Antonio Dias uSipho Mbule, uKatlego Otladisa, u-Alves Ngakosso noLindokuhle Mtshali.
[06:56, 7/4/2025] Sabelo: Sekuphelile obekuhlanganisa i-Arrows noMasuku
nguSabelo Maphumulo
ILamotnville Golden Arrows kuvela ukuthi seligqashukile igoda phakathi kwayo noMenzi Masuku.
UMasuku bekubhekwe lukhulu kuyena ngesikhathi esayinwa ileli qembu esuka kwiRoyal AM, kodwa izinto zifike zamibhimbela njengoba ubengalitholi ijezi isikhathi esiningi.
Ngesizini edlule udlale imidlalo eli-10 yeBetway Premiership nowodwa weCarling Knockout, kweminye ubekhuhlwa ibhentshi noma ebukele nezihlwele.
“Ngosuku lokuqala bonke abadlali bebuya kumaholidi uMasuku ubengabonakali, lokho kube sekushiya imibuzo ukuthi ngabe usayingxenye yini yalo noma cha. Kodwa kube sekuvela ukuthi usekhonjwe indlela, ngoba ngisho kwi-Group yeWhatsapp ukhishiwe khona okuyilapho kunabadlali beqembu” kusho umthombo.
UMasuku waKwaMashu njengoba ehlukene ne-Arrows kusho ukuthi sesandile isibalo sabadlali abangaseyona ingexenye yayo. Abanye abehambile uSicelo Hlatshwayo, uKagiso Malinga, uPuleng Tlolane, uSfiso Mlungwana naye ongunozinti kube uRyan Moon okuvela ukuthi uzogijima ku-AmaZulu FC ngesizini ezayo.
Ngaphambi kwalabadlali abanye abakhonjwa indlela ngasekupheleni kwesini edlule uThabani Zuke osekwiRichards Bay FC noKnox Mutizwa ongumdlali ohamba phambili ekuhlohleni amagoli kuBafana Bes’thende (i-Arrows).
UMasuku odlala phambili ngaphambi kokujoyina i-Arrows phambilini uke waba kwiJomo Cosmos, i-Orlando Pirates, iChippa United, iBloemfontein Celtic neRoyal AM.

