UNxakanxaka uyena engimbona ezonqoba iDundee July yakulonyaka” – Buthelezi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

USihlalo weKwaZulu-Natal Rural Horse Racing Association, uMenzi Buthelezi uthuswa ukukhula kwezinga lomjaho waminyaka yonke iDundee July Horse Racing.
IDundee July Horse Racing yakulonyaka ithulwe ngokusemthethweni emagcekeni kaMasipala waseNdumeni, eDundee ngoLwesibili. Nonyaka lo mjaho uzobe uqeda iminyaka engama-20 wasungulwa.
“Eminyakeni engama-20 edlule sasingazi ukuthi lo mjaho izinga lawo laliyobe selikhuphuke kangaka. Umqhudelwano wokuqala ingqwele yakhona yagoduka nezinkulungwane ezingama-R20, kodwa namuhla ingqwele isigoduka nezinkulungwane ezama-R350. Ngaphandle kokukhuphka kwemali, kodwa ziningi izinto esezenzeka kuwona okutshengisa ukukhula kwawo. Ngikhuluma nje iziFunda ezili-11 zalapha KwaZulu-Natal seziba nezinjomane zazo ezisuke zibhekiwe ukuthi zinganqoba. Kulo mjaho sekufika ngisho abantu bangaphandle bezowuthamela” kusho uButhelezi.
Lo mjaho wodumo wamahhashi omtelebhelo uzogijinywa mhla zili-19 kuNtulikazi eNdumeni Horse Track, eDundee.
Ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni lo mjaho bekukhona uMphathiswa woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, iMeya yaseMzinyathi uThembisile Mchunu, iMeya yaseNdumeni uMcebo Mkhize, abasiki benqephu, abaxhasi kanye nabaqhubi bamahhashi abakhethekile.
Eqhuba uButhelezi uthe: “Ngabe asinawo unembeza uma kungathiwa asiwubongi uMnyango wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal ngokusiseka ngalendlela, kanye nabobonke abaxhasi. Lokhu kuyimbangela enkulu ekuthenini ube sezingeni okulona lo mjaho”.
UButhelezi usanda kuqokwa ihlandla lesibili ekubeni uSihlalo, nalapho ubengabangi khona namuntu.
“Ukuqokwa kwami ihlandla lesibili akuyona neze into encane, kusho lukhulu kumina ngoba kuveza isithombe sokuthi kukhona okuhle engikwenzayo. Kuphinde kucacise ukuthi indlela esibheke kuyona yinhle kakhulu. Kuningi okuhle esisafuna kwenzeke kulo mjaho” kubeka uButhelezi.
Lomakade ebona kulo mdlalo wamahhashi uthe uthipha injomane uNxakanxaka ukuthi uyena ongadla umhlanganiso kulonyaka.
“UNxakanxaka besesizitshela ukuthi kuphelile ngaye kodwa uqale phansi ugila izimanga, buka nje usanda kugila izimanga enqoba eLesotho neNkandla May inqotshwe nguye. Amagalelo akhe ayaziwa nayo iDundee July useyinqobe amahlandla, ingakho ngithipha yena kulo nyaka. Zikhona ezinye izinjomane ezikhona nazo ezingenza khale kakhulu okukhona uMbayimbayi waseZululand, uColchester walapha eMzinyathi kube-Alpha & Omega obengowaseMpumalanga kodwa usethengwe lapha eMzinyathi” kubeka uButhelezi.
UNxakanxaka unqobe lo mjaho kulandelana ngowezi-2018 nangowezi-2019, uphinde wawunqoba ngowezi-2022.
Injomane evikela isicoco uMbayimbayi wasesifundeni saseZululand ogitshelwa uMelusi Gama waseMondlo.

