Now Reading
Ubuyela eringini obesekubukeka kuphelile ngaye esibhakeleni
Dark Light

Ubuyela eringini obesekubukeka kuphelile ngaye esibhakeleni

Injabulo kuSanele “Theo” Mhlungu ongumshayi sibhakela elulama, njengoba besekubonakala ukuthi kuphelile ngaye kulo mdlalo kwazise ubenenkinga yehlombe.

Nyakenye uMhlungu waseDundee uthinteke kabili kwihlombe elingakwesokudla okokuqala wathinteka kulona ngoNdasa, okwesibili kwaba ingoNhlangulana.

NgoNhlangulana ezimpini ezabe ziseDundee kwamphoqa ukuba ayishiye phakathi impi waphuthunyiswa esibhedlela. Kuleyompi wabe etholene phezulu noMfanuvele Ntuli empini yebhande laseKZN ngaphansi kwe-Mini Flyweight.

USihle Zungu owabe engunompempe kulowo mdlalo wamisa impi kumzuliswano wesithathu kucacela noma ubani ukuthi uMhlungu akasakwazi ukugadla.

ElaboHlanga kade liseSibongile Boxing Gym edume ngokuthi iseMgodini eDundee, lizithele kuyena uMhlungu eziqeqesha nozakwabo abangaphansi kwesitebela iHlula Dladla Boxing Promotions ngokubambisana neHle Jobe Boxing Promotions.

Ubebonakala ukuthi uyachichima injabulo, uveze ukuthi naye imbala wayeselilahlile ithawula ezitshela ukuthi kuphelile ngaye kulo mdlalo.

“Kuyangikabulisa kakhulu ukuthi nami ngiyakwazi ukuba ngizilolonge kanye nozakwethu, iqiniso nje bengithi kuphelile ngami kulo mdlalo oyimpilo yami. Ngesikhathi oDokotela bengazisa ukuthi kumele ngiwuyeke lo mdlalo ngoba sengilimale kabili ehlombe, ngafikelwa izinyembezi ngoba ayikho enye into engiyaziyo ngaphandle kwesibhakela. Ngazibuza ukuthi ngabe ngizoziphilisa ngani. Ngibonga ama-Physio aba nesineke ekutheni, angisize ukuba ngikwazi ukubuyela esimeni” kusho uMhlungu waseDundee.

Ubalule ukuthi lo mdlalo wawuqala ngonyaka wezi-2010 esekuma-Amesha, wangena esigabenk esikhokhelayo ngonyaka wezi-2018. Imli yokuqala wayebhekeme noMxolisi Masina wayinqoba.

See Also

Esibhakeleni esikhokhelayo uselwe izimpi ezili-11 unqobe eziyisithupha, wahlulwa kwezintathu wadlala ngokulingana kwezimbili. Kuyimanje uyingqwele ye-WBF Intercontinental.

“Ngiyabonga kwiHlula Dladla Boxing Promotions neHle Jobe Boxing Promotions, ukuthi noma bebelibona limfimfa ikusasa lami baqhubeka nokuthembela kumina bangilekelela ekutheni ngilulame. Ezinye izitebela bezizobona ukuthi kuphelile ngami, bese ziyangixosha. Nyakenye ngoZibandlela umqeqeshi wami wathi angilekelele iqembu lalapha kwisiFunda uMzinyathi elaliya kumaSalga KZN DSAC Games abaseThekwini. Lokho kwasho lukhulu kumina njengoba sabuya nendondo yesiliva” kubeka uMhlungu.

Uthe njengoba ezoba kokuqala eringini ngoNdasa ezimpini ezizoqhathwa iHlula Dladla Boxing Promotions, uzimisele ukubonga abamusizile alulame ngokuthi anqobe.

“Mina angibanga nawo ukhisimusi bengiziqeqesha, namanje ngiyaziqeqesha ngikulungele ukubuyela okokuqala eringini. Ngifuna ukunqoba noma ikanjani, ngibuyise ithemba kubantu abangisizile ekutheni ngilulame. Nonyaka ngizimisele ukuphatha ibhande le-ABU” kusonga uMhlungu oselwa ngaphansi kweJunior Flyweight.

Scroll To Top