Kutuswe ukuzinikela kothisha basoPhongolo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Bachonywe uphaphe lwegwalagwala othisha bakuMasipala uPhongolo ngokungalali beqinisekisa ukuthi izingane ebezenza umatikuletsheni nyakenye ziphumelela ngamalengiso.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kade kunomcimbi wokukonyeliswa kwabafundi abenze kahle nyakenye, lo mcimbi ububanjelwe enkundleni yeZemidlalo iNtuthuko Sportfield.
Umcimbi ubuhanjelwe izicukuthwana ezahlukene kubalwa khona onguSihlalo wentsha leqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) esifundazweni, uMnu uMncedisi Maphisa obonge othisha ngokuzikhandla kwabo.

“Siyazi akukaze kube indlela elula le enikuyo, ngalokho sinichoma uphaphe lwegwalagwala ngokuzinikela ngaso sonke isikhathi. Niba abazali kulezingane njengoba nihlala nazo kusuka ekuseni kuze kuyoshona ilanga. Abanye benu abalali ukuze lezingane zibe nekusasa eliqhakazile” kubeka uMnu Maphisa.
UMnu Maphisa ube esenxusa kubafundi abaya ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi benake izifundo zabo kuze bezobuya bezoguqula isimo sasemakhaya.
“Bantwana hambani zingane zethu niyofunda nibuye niguqule izimpilo zasemakhaya, nalapha emphakathini nenze uguquko ningadidwa izinto zomhlaba. Ningakhohlwa izithukuthuku zabazali beni nobunzima abadlule kukho ukuze bekwazi ukufundisa nina” kubeka uMnu Maphisa.
Ilinganiselwa kwizinkulungwane ezimba-R400 imali esetshenzisiwe, okubalwa eyokulekelela ukuba bekwazi ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
IMeya yasoPhongolo uMnu uBheki Thwala naye uhambe emazwini kaMnu Maphisa etusa ukuzinikela kothisha.
“Bothisha siyayihlonipha futhi silayincoma igxathu enilenzayo, lokho nikenza ngaphezu kwezinselelo ezibhekene nezikole. Siyaqonda ukuthi iningi lezikole zethu zisezindaweni zasemakhaya ngakho-ke kunezinselelo ezinkulu” kusho uMnu Thwala.