Now Reading
ISekhukhune United isiphinde yahlukana nomunye umdlali
Dark Light

ISekhukhune United isiphinde yahlukana nomunye umdlali

ISekhukhune United isiphinde yamemezela ukuthi isihlukane nomunye umdlali.

Lowo mdlali nguPogiso Mahlangu, ofike kuleli qembu ngoNtulikazi wangonyaka wezi-2021 esuka kwiPretoria Callies, udlale imidlalo engama-68 wakwazi ukuvalela phakathi amagoli ayisithupha.

ISekhukhune United ibe isibhala umyalezo wokubonga lo mdlali ngokuzinikela kwakhe eqenjini, yabe isimufisela okuhle ohambeni lakhe oluqhubekayo.

Njengoba iBabina Noko (iSekhukhune United) imemezela ukuhlukana nalo mdlali izolo ikhiphe isitatimende lapho kade iqinisekisa abadlali esihlukene nabo.

Kulabo badlali kukhona uLoydt Kazapua, uKamohelo Sithole noMiguel Antonio Dias iBabina Noko inqube ukungazivuseleli izinkontileka zalabadlali ebeziphela izolo.

Abanye abadlali abahlukene naleli qembu uSipho Mbule noKatlego Otladisa ekade libabolekile, kube u-Alves Ngakosso noLindokuhle Mtshali elibakhombe indlela labadlali yize bebeanayo inkontileka.

See Also

Omunye igama lakhe elivelile unozinti uBadra Ali Sangare obeseqede amasizini amathathu kuleli qembu.

Kwabanye abadlali akade bephelelwa izinkontileka zabo kodwa ezigcine zivuselelwe kube uLinda Mtambo, uChibuike Ohizu, uDaniel Cardoso, uVusimuzi Ncube noTresor Tshibwabwa.

Scroll To Top