IMagesi FC isimtholile ozovala isikhala sika-Owen Da Gama
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kanye nabaqeqeshi amaqembu ayapheka ayathulula.
IMagesi FC esanda kuhlukana no-Owen Da Gama obengumqeqeshi wayo, isithole umqeqeshi omusha.
Leli qembu seliqashe uJohn Maduka obengena msebenzi njengoba egcine ukubonakala eqeqesha iRoyal AM engasekho.
UMaduka waseMalawi kulindeleke ukuthi asebenzise amava akhe ukusiza iMagesi FC ukuthi iqede endaweni engcono kulogi yeBetway Premiership ngesizini ezayo.
Ngesizini edlule iqede endaweni ye-13 kulogi, obekuyisizini yayo yokuqala esigabeni esiphezulu, ikwaze ukunqoba indebe yeCarling Knockout lapho eyahlula khona iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
UMaduka phambili uke waqeqesha iBloemfontein Celtic esikhuze ibuya ngokuthenga iSuperSport United, kanye neMaritzburg United.
Okunye okubhekwe kulo mqeqeshi ukuthi angene emakethe njengoba leli qembu likhombe indlela abadlali abali-10 okuwuGift Motupa, uNeverdie Makhubela, uDeolin Mekoa, uRhulani Manzini, u-Amos Mokwena, uBoikanyo Komane, uMaboke Matlakala, u-Anathi Ngwadla, uGiven Mashikinya noMenzi Ndwandwe.

