Now Reading
Intokazi yaseNanda ithi njengoba yenza kahle akuwona umlingo kodwa ukusebenza ngokuzikhandla
Dark Light

Intokazi yaseNanda ithi njengoba yenza kahle akuwona umlingo kodwa ukusebenza ngokuzikhandla

UThulisile Princess Maduna ogila izimanga kumdlalo womnqakiswano uveze ukuthi wayengakaze azixabange edlala lo mdlalo, kwazise yena wayezifela ngokuba umsubathi.

Le ntokazi yaseNanda edlalela iKingdom Stars igila izimangana njengoba isiqokwe emidlalweni emine njengomdlali wosuku ovelele velele amahle kwimidlalo yeligi yazwelonke ebizwa nge-Telkom Netball League (TNL).

Ekhuluma engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga uthe kungenxa kathisha owamuyalela ukuba adlale lo mdlalo, yize wabe engenalo uthando lwawo.

“Ngifika esikoleni ngabe ngithanda ukugijima ngathola ukuthi ngathola ukuthi akwenziwa, kudlalwa unobhutshuzwayo, iNetball kanye nombhoxo. Ngenxa yokuthi ngimude ngokwesakhiwo sami omunye wothisha wabe esethi angidlale ibhola lokunqakiswana. Ngiqala kwabe kunzima ngoba kwakuwumdlalo ongekho enhliziweni yami. Kuthe ezinyangeni ezimbalwa ngabizwa eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kweminyaka eli-16, ilapho engabe sengiqala ngibona ukuthi lo mdlalo uzongiyisa kude. Kusukela lapho angibange ngisabheka emumva” kubeka uThulisile.

Ngesikhathi esafunda isikole samabanga aphezulu iKingdom Stars yabe imufuna uthuli, kwasho ukuthi ngeke akwazi ngoba wayengeke akwazi ukudlala ekubeni esafunda.

“Ngesikhathi ngithola ithuba lokudlala kwiligi ye-TNL kwabanzima kakhulu, ngoba ngangidlala nabantu asebenolwazi olukhulu kunami. Ngangihlala ngibuke nginganikwa ithuba, ngaze ngadlaliswa umdlalo wokugcina weligi nalapho ngenza ezibukwayo. Into engayenza yashiya wonke umuntu ezibuza ukuthi kungani bengingadlali, lapho umdlalo wawutshengiswa kwithelevishini. Wonke umuntu wabe engihalalisela ngokudlala kwami kahle”.

Mayelana nokwenza kahle kwakhe uthe ayikho imfihlo etheni ngaphandle kokuzimisela.

“Umdlalo weNetball udinga uhlezi uziqeqesha, ngikholelwa ukuthi iyona mfihlo yami leyo. Makungathiwa ngisho okunye ngabe ngihubhuza aluhlaza amanga. Mina ngifike ngiziqeqeshe neqembu, ngifike ngasekhaya ngiphinde ngiziqeqeshe ngedwa. Wonke umdlali ngisho kuthiwa unekhono elinjani, engakutshela ukuthi kulomdlalo ukuze wenze kahle kumele uhlezi ukulungele ukudlala” kusho uThulisile odlala njengo-Goalkepper (GK).

UThulisile oneminyaka yobudala engama-24 uyena noCornelia Mapuda odlalela iGauteng Golden Fireballs abasaqokwe emidlalweni emine njengabadlali abavelele.

IKingdom Stars edlala esigabeni sesibili isendaweni yesine ngamaphuzu ali-17 emva kwemidlalo eli-12, iqembu elihlezi phezulu iTornado enamaphuzu angama-20 nayo esidlale imidlalo eli-12.

See Also

“Uma ngihlaziya indlela esidlale ngayo kule midlalo esiyidlalile, ngibona kunzima ukuthi singaqeda siphezulu kulesigaba esidlala kuso. Kunesikhathi lapho sihlulwa khona kungamele, lokho kwenza kube nzima ukusho ngeqholo ukuthi sizoqeda phezulu” ubeke kanje.

Ngowezi-2022 esadlalela iKingdom Queens waqokwa njengeDefender evelele kwisizini ye-TNL lapho wayesadlala njenge-Goal Defender (GD), kanti ngonyaka wezi-2018 wabizwa eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-20.

Ngaphandle kokuba umdlali le ntokazi iphinde iqeqeshe abafundi baseGlenwood Preparatory School.

Inephupho lokugijima kwiqembu lesizwe, eseke nakhona yalithola ithuba.

Scroll To Top