Now Reading
Uzokwenza indumezulu yomqhudelwano ogaqele esokuba uMengameli we-KZNA
Dark Light

Uzokwenza indumezulu yomqhudelwano ogaqele esokuba uMengameli we-KZNA

Ogaqede esokuba uMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMandla Mngomezulu uhlela indumezulu yomqhudelwano ngakubo eHluhluwe.

Lo mqhudelwano ngokuthola kwelaboHlanga uhlele ukuthi ube ngoZibandlela, eMakhasana Sports Ground okuyinkundla enkulu eHluhluwe nokuyilapho adabuka khona.

Yize engumuntu ogxile kakhulu kwezokusubatha kodwa, lo mqhudelwano uzoba neminye iminxa yezemidlalo okubalwa ibhola likanobhutshuzwayo kanye nomdlalo wombhoxo.

Uzobe efolose ngoPhepsi Buthelezi ongumdlali weSharks, kunobhutshuzwayo khona kuzoba noMbekezeli “TLB” Mbokazi ogijima kwi-Orlando Pirates, bobabili laba badabuka khona eHluhluwe.

UMngomezulu njengoba egaqede esokuba uMengameli we-KZNA vele uyisekela likaSteve Mkasi naye ophinde walingenela ukhetho oluzokuba ngoMgqibelo.

Ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Ukubuyisela emphakathini lapho engidabuka khona into ebihlezi isemqondweni wami, amandlake iwona ebengingenawo ngoba bengafuni ukugcina icala kodwa ngenze into eseqopheleni eliphezulu. Ngikholwa ukuthi lonyaka iwona nyaka engizokwenza ngawo iHluhluwe Sport Tournament ezofaka iminxa yemidlalo ehlukahlukene”.

Uthe inhloso enkulu ukugqugquzela intsha yaseMkhanyakude ukuthi izimbandakanye kwezemdlalo nokuthi kuvundululeke ithalente elicashile.

See Also

“Lo mqhudelwano njengoba uzoqala ngeke usaphela usuzohlezi ukhona minyaka yonke, sifuna intsha yazi ukuthi ngoZibandlela kuba nendumezulu yemidlalo endaweni yangakubo. Ingakho kuzoba nezinhloli ezehlukahlukene, ukuzohwaya ikhono. Kunobhutshuzwayo bengaphuma abanye oMbokazi, kumbhoxo kuphume oButhelezi” kubeka uMngomezulu.

Ebuzwa ngokuthi uma kungathiwa uyena oqokwa njengoMengameli omusha we-KZNA uthe: “Kuningi engikholwa ukuthi ngingafuna ukuguqula okunye kwakho ukwakhiwa kwesikhwama sezinkulisa (Development). Kube ukunqanda ukukhokhelwa kwemiklomelo engagculisi kubagijimi kwimijaho esuke yenziwe. Nanokuthi kube nezinhlelo ezibhekelele abesifazane. Kanye nendaba ethinta amaLicense kumakilabhu asemalokisishini nasemakhaya”.

Kwabanye abangenele ukhetho lokuba uMengameli we-KZNA uSello Mokoena, uChris White noRomeo Gcugcwa Hulane.

Scroll To Top