Now Reading
Impi uma ibuyela eringini kumele ingabuyeli eLimpopo kube namajaji amasha – Magudulela
Dark Light

Impi uma ibuyela eringini kumele ingabuyeli eLimpopo kube namajaji amasha – Magudulela

UZwilenkosi Magudulela onguphromotha weLudonga Boxing Promotions ufisa impi yesicoco se-World Boxing Federation (WBF) Internacontinental Bantamweight ebiphakathi kukaSabelo “Mkhonto” Cebekhulu waKwaZulu-Natal no-Akani Sambu waseLimpompo , ingalwelwa eLimpompo bese kuqokwa namajaji amasha.

Kuvela ukuthi impi kaCebekhulu noSambu kungenzeka ibuyele eringini, kwazise bebetholene phezulu ngeledlule nalapho kwanqoba khona ibhokisa laseLimpompo.

Imbangela yokuthi ibuyele eringini lempi kungenxa yezikhalo ezibekhona ngoba kwacacela noma ubani ukuthi uCebekhulu wabanjwa inkunzi, kulempi eyabe iseKhoroni Hotel Casino, eVenda eLimpompo.

Kulempi amajaji amabili uMicheal Phiri noGezani Hlungwani banqobisa uSambu kwazise nabo bangabakhona eLimpopo, uPhumeza Zinakile yena impi wayinikeza uCebekhulu.

Ekhuluma nelaboHlanga uMagudulela uthe: “Lempi kumele ibuyele eringini, kodwa ekubuyeleni kwayo ngiyafisa ingabi seLimpompo futhi ngifisa kushintshwe namajaji ngoba iwona asicindezela kakhulu. Ngiyafunga ngiyagomela uma sibuyela eringini uSambu uzofela izono zamajaji, ngoba uCebekhulu uzomginqa ngemizuliswano yokuqala”.

Mayelana nesenzo samajaji uthe: “Kwashaqela wonke umuntu, ngoba babebona abantu ukuthi sibanjwa inkunzi. Kubuhlungu lokhu okwenzeka ngoba umfana uzilungiselele izinyanga ezintathu, ezila izinto eziningi engabe uzenzile ngoba efuna ukunqoba ibhande ujike uzophucwq iqatha emlonyeni ngamajaji. Uze wathi ufisa nokusiyeka isibhakela ngenhla yokuthi ubephatheke kabuhlungu” kubeka uMagudulela.

See Also

Uveze ukuthi baqale ukuhlukumezeka besasuswa eThekwini njengoba behliswa kwisikhumulo sezindiza eGoli, kwamele behambe phansi baze bayofika eLimpompo okuthathe amahora angaphezulu kwayi-6.

UCebekhulu uvele ufike ekhathele nalapho bekumele efike enze iWeigh-In khona.

Kulindele ukuthi kuphume isinqumo ngokuthi iyabuyela yini lempi eringini.

Scroll To Top