Injabulo kwintokazi endala kufezeka iphupho layo leminyaka
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
+2 Injabulo kwintokazi endala kufezeka iphupho layo leminyaka
Injabulo kwintokazi endala kufezeka iphupho layo leminyaka
Injabulo kwintokazi endala kufezeka iphupho layo leminyaka
Injabulo kwintokazi endala kufezeka iphupho layo leminyaka
Injabulo kwintokazi endala kufezeka iphupho layo leminyaka
Uhluleke nawukuzibamba wakhihla isililo uNks uThandi Mbhele, obekuzovulwa indlu yakhe entsha eseFrere ngaphansi kwaMasipala iNkosi Langalibalele oholwa uMnu Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza.
UNks uMbhele ubehlala endlini engekho esimeni ukuthi ingahlala umuntu, njengoba ubelala obenyoni bakunetha imvula. Kodwa kusukela namhlanje usezolala ubuthongo, njengoba esezolala endlini esesimeni esihle.
Lomcimbi wokuthulwa kwalendlu bekuhanjelwe uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uMnu uThamisanqa Ntuli, iMeya yesiFunda uThukela Inkosi uNtandoyenkosi Shabalala kanye nabantwana baseNdlunkulu.
“Ngizizwa ngiphelelwa amazwi, ngoba ngendlela engijabule ngayo ayichazeki. Ngiyabonga kakhulu kubaholi okubalwala iMeya kanye neKhansela lendawo uMchunu, okunguye owakwazi ukuchaza usizi lwami kuyona iMeya. Ngingasho ngithi kufezeke iphupho lami leminyaka” kusho uNks Mbhele.
Lendlu ithathe isikhathi esingangenyanga yakhiwa, njengoba yaqalwa mhla zili-12 kuZibandlela nyakenye.
IMeya uMnu Myeza uthe: “Ngomhla zili-10 kuZibandlela ekhasini likaFacebook kwafakwa isithombe sendlu kaGogo uMbhele, mhla zili-11 ngafika ngizombheka ngasibona isimo. Kuthe mhlaka zili-12 saqala ukumlungisela indlu. USibongakonke Mchunu oyikhansela, uyena osize kakhulu ekutheni kufekeze iphupho likaGogo. Lokhu esikwenzile asigcinile ngaloGogo, kodwa ikhona imizi esesiyibonile omunye nje ngoshaya inyanga ezayo sesiwuqedile” kusho uMnu Myeza.
UMnu Ntuli uncome kakhulu into eyenziwe uMnu Myeza, kuNks Mbhele.
“NjengoNdunankulu waKwaZulu-Natal ngiyafisa ukuthi zonke iziMeya zibukele kuMnu Myeza, ekutheni zisebenzele umphakathi. Lo mholi utshengise ubuqotho, njegoba ekhiphe inkece yakhe wakhela uGogo uMbhele”.

