Noma ngingavuswa ezintatha kuthiwe angiyodlalela iBafana Bafana ngingaya ngigijima – Cele
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Noma ngingavuswa ezintatha kuthiwe angiyodlalela iBafana Bafana ngingaya ngigijima – Cele
Noma ngingavuswa ezintatha kuthiwe angiyodlalela iBafana Bafana ngingaya ngigijima – Cele
Noma ngingavuswa ezintatha kuthiwe angiyodlalela iBafana Bafana ngingaya ngigijima – Cele
UCele noThalente Mbatha benze indumezulu yomqhudelwano ozoba kwaMashu kulempelasonto iThabo-Thalente Games.
Injini yeKaizer Chiefs esiphenduke isithandwa kubalandeli baleli qembu uThabo Cele uthe noma kuthiwa uvuswa ngehora lesibili ezintatha kuthiwa akayodlalela iBafana Bafana engavuka egijima ayekhona.
UCele uveze lokhu ngesikhathi kunomcimbi wokuthulwa ngokusemthethweni umqhudelwano obizwa ngeThabo Thalente Games okulindeleke ukuthi ube kule mpelasonto.
Kube nokukhulu ukukhuluma ukuthi kungani engabonakali eqenjini lesizwe elidlala imidlalo yeCosafa Cup kwazise wayebiziwe, ube esechaza imbangela yalokho.
“Ngesikhathi ngizwa ukuthi ngibiziwe eqenjini lesizwe elizodlala iCosafa Cup, ngangilapha eThekwini ngebhadi uDokotela wathi ngeke ngikwazi ukuba yingxenye yesikwati ngoba angikho sesimeni esihle. Ngisho emdlalweni yeChiefs yokugcina bengikhishwa ngenxa yakho ukuba buthaka kwami. Njengawo wonke umdlali nginephupho lokumela iqembu lesizwe. Ngiyalithanda izwe lami, ngiyakulwela ukuthi ngelinye ilanga ngigqoke ijezi layo iBafana Bafana. Ngisho ezigabeni ezincane bengilwa ukuba ngigcine ngilithola ithuba” kusho uCele.
Eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-20 wadlala iNdebe YoMhlaba ngonyaka wezi-2017 eyabe iseKorea Republic, ngowezi-2021 wadlala ama-Olympics eTokyo kwabaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-23.
Mayelana nalomqhudelwano iThabo Thalente Games, uyihlanganise noThalente Mbatha ogijima kwi-Orlando Pirates, bobabili bahlala KwaMashu bakhule ndawonye. UCele wakhuliswa Induna Academy neKwaMashu All Stars wabe eseya kwi-KZN Academy, uMbatha yena naye wadlala kwi-KwaMashu All Stars wabe eseya kwi-Durban FC.
Eveza okubakhuthazile ekutheni benze lo mqhudelwano uthe ingoba bebefuna belekelele umphakathini lapho abakhulele khona.
“Umnewethu uNhlaka wasiluleka sinoThalente ekutheni senze into efana nalena, kodwa saba nongabazane bokuthi ngabe isikhathi esifanele yini lesi njengoba simatasa lapho esidlala khona. Kodwa sithe asiqhubeke kuyangithokozisa ukubona ukuthi abantu bakhombisa ukuwuthakasela lo mqhudelwano. Indawo esiqhamuka kuyo inomlando ongemuhle ngalo mqhudelwano sifisa ukukushintsha konke lokho” kusho uCele.
Lo mqhudelwano nokuqhathwa kwamaqembu kwenzeke ehholo elisesigcemeni saka-G okuyilapho uCele eqhamuka khona. Lo mcimbi ubuhanjelwe uMengameli weSafa eThekwini uMazwi Mkhize, omele iLFA KwaMashu uThulani Ndumo, abakaSport Confederation, aboMnyango wezeMfundo kwezemidlalo kanye neKhansela laka-G.
Ebuzwa ukuthi kungani bengenzaka kwaba unobhutshuzwayo kuphela uCele uthe: “Ezemidlalo akuwona unobhutshuzwayo kuphela ziningi izinhlobo ezikhona, ngalokho besifuna intsha kakhulukazi iveze ikhono layo kwezinye izinhlaka zemidlalo okukhona iChess, iNetball kanye nebhola labesifazane” usho kanje.
Iqembu elizonqoba kwabesilisa lizogoduka nezinkulungwane ezingama-R60, kwabesifazane ligodude nezinkulungwane ezili-R12.
Uthe usafuna ukuqhubeka nokunqoba izindebe neChiefs, esikhathini esincane efikile kuleli qembu unqobe iNedbank Cup nokube nenkulu injabulo kwazise besekuphele iminyaka eli-10 yagcina ukuqukula inkomishi.
“Sikuzuzile esikuzuzile kodwa kusakuningi ekusamele sikuzuze siyiChiefs. Okumele sikwenze ukuqhubeka senze njengoba senzile, sibambisane” kusho uCele.
Mayelana nokuphenduka intandokazi uthe akubona ubuhlakani kwakhe kodwa intando kaNkulunkulu ngoba uyena akholelwa kakhulu kuyena.

