Now Reading
UMagudulela ubheja ngoCebekhulu ukuthi uzobuya nalo ibhande eLimpopo
Dark Light

UMagudulela ubheja ngoCebekhulu ukuthi uzobuya nalo ibhande eLimpopo

UZwilenkosi Magudulela ufunga uyagomela ukuthi uSabelo “Mkhonto” Cebekhulu uzobajabulisa abathandi besibhakela baKwaZulu-Natal ngokuthi abuye nalo ibhande le-World Boxing Federation (WBF) Internacontinental Bantamweight empini ezokuba seKhoroni Hotel & Casino, eLimpopo kusasa ngoMgqibelo ebusuku lapho azolwa khona no-Akanu Sambu.

UMagudulela onguPhromotha weLudonga Boxing Promotions okuyisitebe esizinze eThekwini uthe wonke amalungiselelo ahambe kahle kakhulu.

“Izinhlelo zalempi zihambe kahle kakhulu akukho okumphazamisile uMkhonto. Ngisho nalaba akade encwenga nabo, kuhambe kahle. Akukho ukulimala anakho, ubetshengisa ukuthi usekubheke ngabomvu ukuba seringini,” kusho uMagudulela oyindodana kaThulani Magudulela ongasekho emhlabeni owazakhela igama kulo mdlalo wamankomane.

UMkhonto ongowokudabuka eMtubatuba kodwa osezinze kwelikabhanana (eThekwini) uzoya kulempi nesilonda kwazise empini yakhe yokugcina eyabe is eGoli ngoZibandlela wabuya eshwiba izandla njengoba ehluleka ukunqoba ibhande le-World Boxing Association (WBA) Pan African.

Kuleyompi wehlulwa ngamaphuzu uCharlton Malajika kweyabe ise-Emperors Palace. Wakhala ngokuthi umoya waseGoli iwona owenza engakwazi ukunqoba, kwazise ngomzuliswano wesine waphelelwa umoya.

ElaboHlanga libuza uMagudulela ukuthi bazobhekana kanjani nesimo saseLimpompo njengoba isimo sezulu sakhona sinokubhedabheda uthe: “Sifike izolo ngoLwesine emini, esesikutholile umoya walana uthi awufane naseThekwini. Yize zinganele izinsuku zokuba sikwazi ukuzilungiselela njengoba sesingapha kodwa uMkhonto, uthe mayekhuluma nami washo ukuthi sikwenzile konke thina naye uzozama ngakho konke ukunqoba ibhande noma kuthiwa ubhekana nabuphi ubunzima eringini”.

See Also

“Sisuke endlini ngo-3 izintatha ngoba indiza ibizoba ngehora lesithupha, sifike lapha eLimpompo ligamenxe ihora lesibili emini. Lokho kusikhathazile ngoba kusiphoqe ukuba sifike siphumule. Kodwa lokho ngeke kusivimbe ekuthenini senze lokhu esikufisayo okuwukunqoba ibhande” kubeka uMagudulela.

Mayelana nembangi abazobhekana nayo ukuthi bayayazi yini ukuthi ilwa kanjani uthe: “USambu ungusomankomane ophelele ilokho engingakusho uyafana noMalajika, ugcwala iringi. Ngalokho simubekele induku emqulweni, uzobona into yamehlo. Kusukela ngoZibandlela sisebenze kakhulu noMkhonto amaphutha awenza, usewalungisile kodwa konke lokho kuzobonakala kusasa”.

UMkhonto esibhakeleni esikhokhelayo uselwe izimpi eziyi-8 kuzona unqobe eziyisikhombisa wehlulwa kweyodwa, uSambu naye unezi-8 unqobe eziyisithupha wehlulwa kweyodwa wadlala ngokulingana kweyodwa.

Scroll To Top