Likhulu isasasa lePrince Mangosuthu Ultra Marathon



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Izindaba ezijabulisayo kubasubathi abazogijima umjaho waminyaka yonke obizwa ngePrince Mangosuthu Ultra Marathon.
Lezi zindaba ezijabulisayo ngezokuthi imali ezonqotshwa abasubathi kumjaho omkhulu inyukile kulo nyaka. Nyakenye kubona bobubili ubulili abanqobile ebangeni lika-52km bebegoduka nezinkulungwane ezili-R100, nonyaka izoba izinkulungwane ezili-R150.
Izolo bekunomcimbi wokuthula ngokusemthethweni lo mjaho, obukwelinye la mahhotela agudle ulwandle, eThekwini.
Lo mjaho oqanjwe ngomsunguli weqembu lepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP) uMntwana waKwaPhindangene Buthelezi, nonyaka kulindeleke ukuthi ube mhla zingama-27 kuMbasa. Kulo nyaka uzogijinywa okwesithupha njengoba wasungulwa ngowezi-2019, kwaba unyaka wezi-2020 kuphela lapho ongagijinywanga khona ngenxa yokhuvethe.
Nonyaka iPrince Mangosuthu Ultra Marathon izosukela eNquthu isongwe eKallis Stadium, eDundee. Kulindeleke ukuthi kuqale ngoLwesibili ukuqala ukubhalisela ukugijima lo mjaho.
Amabanga alo mjaho ohlelwe iBiggersburg Athletics Club, ahlukene kathathu okukhona elama-52km, nelama-21km kanye nelika-10km.
Ubaluleke kakhulu lo mjaho njengoba ungowokugcina ukuhlungela ukungenela iComrades Marathon.
Ukuthulwa ngokusemthethweni kwalo mjaho bekuhanjelwe Inkosi yaKwaButhelezi uMntwana uZuzifa Buthelezi, abantwana baseNdlunkulu, iMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane kanye nazo zonke iziMeya zakoMasipala abangaphansi koMzinyathi.