Yenyukile imali ezotholwa abazonqoba ebangeni lika-52km.
Bachonywe uphaphe lwegwalagwala othisha bakuMasipala uPhongolo ngokungalali beqinisekisa ukuthi izingane ebezenza umatikuletsheni nyakenye ziphumelela ngamalengiso.
Amavukelambuso e-M23 athathe izintambo zokulawula idolobha iNyabibwe empumalanga yeDRC.
UNhlamulo Ndhlela ukuchithile ukuqinisekisa kukaMongameli Cyril Ramaphosa kokuthi uhulumeni uzibophezele esizweni esingenayo inkohlakalo.
UKwankwa ukholwa wukuthi iNingizimu Afrika kumele ibhukule ifundise amavukelambuso e-M23 isifundo esibalulekile.
Bangama-96 abahlomule ngemifundaze eNkandla.
Umakadebona kwikarati uShihan Bongani Gumede ukholelwa ukuthi iligi yalo mdlalo ezosungulwa maduze izoba nezithelo ezinhle.
Kumdlalo odlule iStellies sidlale ngokulingana neSekhukhune United.
UMilei uyalele ukuthi i-Argentina ihoxe ngenxa “yokwehluka okukhulu” mayelana nokuphathwa kwezindaba zezempilo kwe-WHO.
Usihlalo weSADC nophinde abenguMengameli weZimbabwe uMnu u-Emmerson Mnangagwa uthi iDRC kayikaze ibe nozinzo isikhathi eside.
IPremier Soccer League (PSL) isiqoke umgadli weSekhukhune United u-Andy Boyeli njengomdlali ovelele kuMasingana.
Isiphinde yasola uhulumeni ngokwehluleka ukubuyisa amathambo abasebenzi abavaleleka ngaphansi komhlaba eBaeberton.
UMkhandlu Wamalungelo Abantu we-UN uzoba nomhlangano okhethekile wokudingida isimo edolobheni elisempumalanga yeCongo.
URushwin Dortley oyisitobha seKaizer Chiefs uthi bafuna ukuwathola egcwele amaphuzu amathathu mese bebhekene na-AmaZulu FC.
Umbhali ukhalaza ngokungahunyushwa ngendlela kwamagama amasha ezilimini zomdabu.
Iqembu lamavukelambuso i-M23 eDemocratic Republic of Congo (DRC) selimemezele ukuthi kuzomiswa ukulwa, okuzoqala namuhla.
Bekunezidumbu ezingama-773 emakhazeni asezibhedlela nasezindaweni ezizungezile empumalanga yedolobha laseCongo iGoma kusukela ngoMasingana .
I-SACCUSA izwakalise ukukhathazeka okukhulu ngomthelela ongase ube khona emabhizinisini aseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi uMengameli waseMelika esabise ngokunciphisa uxhaso lwaseMelika kuleli.
UNomvula Mokonyane uthe uhlelo lokuvuselela iqembu KwaZulu-Natal luhamba kahle kakhulu.
Uhulumeni waseRwanda uthi uthole ubufakazi eGoma, eDemocratic Republic of Congo ngokuhlaselwa okuhleliwe kweRwanda.
UMengameli waseMelika uDonald Trump usabise ngokuthi uzoyinqamula yonke imali ezonikezwa iNingizimu Afrika ngokuzayo.
Kulindeleke ukuthi isigceme saka-G KwaMashu sihlukane phakathi nendawo mese kutholene phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Kule ligi kujwayelekile ukuthi uma sekuwumlenze wesibili abe maningi amacala abakhona.
Unozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iNjampela FC, ubona emaningi amathuba okuthi benganqoba iqoqo.