I-UN Human Rights Council izobamba umhlangano ophuthumayo ngodaba lwaseCongo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMkhandlu Wamalungelo Abantu we-UN uzoba nomhlangano okhethekile wokudingida isimo edolobheni elisempumalanga yeCongo, iGoma, ngemuva kokuthi lithathwe amavukelambuso e-M23 esekelwa iRwanda, ngokusho kwesitatimende se-UN.
Ngesonto eledlule amavukelambuso athumba inhloko-dolobha yesifunda iGoma endaweni egcwele iziyaluyalu kanye nezimbiwa phansi eDemocratic Republic of Congo, lapho izimpi ngowe-1996-1997 nangowe-1998-2003 zabulala izigidi zabantu futhi zaheha amazwe angaphandle.
Ukungqubuzana sekuholele ekudlondlobaleni kokuphulwa kwamalungelo abantu okuhlanganisa ukubulawa kwabantu , ukuqhunyiswa kwamabhomu kwezinkambu zababaleki, imibiko yokudlwengula kwamaqembu ezigelekeqe kanye nolunye udlame locansi, kusho ihhovisi le-UN Rights (OHCHR).
IDemocratic Republic of Congo icele le seshini futhi izoba kulentwasa mhla ziyisi-7 eGeneva, kusho isitatimende se-UN. Kuze kube manje, amazwe angama-27 aseseke lomhlangano.
Nakuba umkhandlu ungenawo amandla abopha noma ithonya ngokomthetho, izinkulumo-mpikiswano zawo zinesisindo sezombangazwe futhi ukugxeka kungaphakamisa ingcindezi yomhlaba wonke kohulumeni ukuba bashintshe ukwenza. Kwesinye isikhathi, uphenyo olugunyazwe umkhandlu lungaholela ekushushisweni ngamacala empi ezinkantolo zamazwe ngamazwe.