Now Reading
Imindeni yaseLily Mine isola uhulumeni ngokungenzi lutho ngaphambi kwe-SONA
Dark Light

Imindeni yaseLily Mine isola uhulumeni ngokungenzi lutho ngaphambi kwe-SONA

Imindeni yabasebenzi abathathu baseLily Mine abasavaleleke ngaphansi komhlaba eBarberton, eMpumalanga, isiphinde yasola uhulumeni ngokwehluleka ukubuyisa amathambo abo, eminyakeni eyisishiyagalolunye ngemuva kokuwa kwemayini.

UPretty Nkambule, uYvonne Mnisi, kanye noSolomon Nyirenda bebengaphakathi kwekhonteyina esetshenziswa njengesibani ngesikhathi imayini idilika. Imindeni yabo izokhumbula le nhlekelele namuhla. Okhulumela umndeni, uMnu uHarry Mazibuko, uthe abalindele ukuthi kube nenqubekela phambili ezoqhamuka eNkulumweni Yesizwe (SONA) ezayo.

“Njengoba sibheke eNkulumweni Yesizwe, njengemindeni, asilindele ukuthi umengameli akhulume ngalolu daba. Kodwa-ke, noma eyishilo le ndaba, esikudingayo wukuthatha isinyathelo ngendaba esikholelwa kuyo. Noma esho amazwi ambalwa, kuzoba njalo. Ngeke kube khona inqubekela phambili noma isinyathelo esizothathwa ngemva kwalokho. Maningi ama-SONA asedlulile, kanti indaba yeLily Mine ayikaze inakwe,” kusho uMazibuko.

Scroll To Top