Now Reading
Isitobha seChiefs siwafuna ephelele amaphuzu ku-AmaZulu FC
Dark Light

Isitobha seChiefs siwafuna ephelele amaphuzu ku-AmaZulu FC

URushwin Dortley oyisitobha seKaizer Chiefs uthi bafuna ukuwathola egcwele amaphuzu amathathu mese bebhekene na-AmaZulu FC.

Lesi sitobha sisho lokho nje iChiefs ngempelasonto edlule ithole induku komkhaya bayo i-Orlando Pirates. Kulowo mdlalo uDortley ungomunye wabadlali abadlala kahle kakhulu.

IChiefs izotholana phezulu noSuthu eFNB Stadium namhlanje ligamenxe ihora lesikhombisa kusihlwa.

Ekhuluma ngalo mdlalo uDortley ukuvumile ukuthi omunye wethimba labaqeqeshi woSuthu u-Arthur “10111” Zwane, unalo ulwazi lweChiefs njengoba ehlale isikhathi eside kuyona.

“UZwane oqeqesha amaZulu FC unalo ulwazi ngabanye abadlali abakhona eqenjini, kodwa lokho akuthusi kakhulu ngoba iqembu lishintshe kakhulu. Izinto sezishintshile selokhu ahamba eqenjini, kunabaqeqeshi abasha, angiboni kuningi akwaziyo ngokwenzeka ngaphakathi eqenjini manje” kusho uDortley.

Ubalule ukuthi umdlalo bawulungele kakhulu, banawo amaqhinga abazowasebenzisa ekutheni banqobe.

See Also

KwiChiefs kulindeleke ukuthi kubonakale umgadli wayo omusha uTashreeq Morris, lo mdlali osuka kwiSupersport United ngempelasonto akabonakalanga ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzu amaningi.

UVusumuzi “Kanu” Vilakazi obambisene noZwane ekuqeqesheni Usuthu, uveze ukuthi lo mqeqeshi uyena abazombeka phambili njengoba belungiselela iChiefs asuka kuyona. UZwane uhambe ku-Amakhosi esevele eqalile ukusebenza nomqeqeshi uNasreddine Nabi nakuba yena wabe esebenza kakhulu nenkulisa.

“Kuyiqiniso ukuthi uyayazi iChiefs, ngaphandle nangaphakathi. Yebo, banomqeqeshi omusha manje kodwa ubuthaka nalapho imandla khona uyakwazi. Ngakho sizothembela kuyena, sizame ukumeseka lapho nalapho njengoba kwenzekile koweSuperSport. Yimina engimazi kakhulu uGavin (Hunt), ngakho unginike ithuba lokuthi ngibhekane naye,” kusho uVilakazi.

Scroll To Top