IRwanda ithi iDRC kanye namasosha angaphandle bahlela ukuhlasela iKigali
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uhulumeni waseRwanda uthi uthole ubufakazi eGoma, eDemocratic Republic of Congo ngokuhlaselwa okuhleliwe kweRwanda. Lelizwe lithi uhulumeni wase-DRC kanye namasosha angaphandle bebengagcini nje ngokuhlela impi ezonqoba i-M23 kodwa bahlele nokuhlasela eKigali.
Esitatimendeni iRwanda ikuchithile lokho ethi yizinsolo ezenziwe umhlangano ongajwayelekile weSouthern African Development Community (SADC) obuseHarare, eZimbabwe ephikisana nombutho wayo wezokuVikela. Ithi umbutho wabo uvikela imingcele yaseKigali ezinsongweni futhi uvikela izakhamizi.
Uhulumeni waseRwanda uphinde wathi iSADC isithumele ibutho eDRC ukuze lisekele impi kahulumeni waseKinshasa elwisana nabantu bayo. IRwanda iphinde yaveza ukuthi iyaseseka isixazululo sezombusazwe kule mpi eqhubekayo futhi iyayamukela ingqungquthela ehlongozwayo yokuhlanganyela ye-East African Community kanye ne-SADC ukudingida impi yase-DRC.
