I-MK ichithe ukuzimisela kukaRamaphosa ukulwa nenkohlakalo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umkhulumeli weqembu loMkhonto weSizwe (MKP) uNhlamulo Ndhlela ukuchithile ukuqinisekisa kukaMongameli Cyril Ramaphosa kokuthi uhulumeni uzibophezele esizweni esingenayo inkohlakalo.
Ekhuluma ethula inkulumo yesizwe (SONA) eKapa izolo , uRamaphosa ukugcizelele ukulwa nenkohlakalo, kodwa uNdhlela uyakuchitha lokho ethi uhulumeni kumele aqale ngokulungisa udaba lwasepulazini likamengameli iPhala-Phala.
Eqhubeka echaza uNdhlela, uthe inkulumo kaMongameli ibibonisa “isizwe esihlulekile”.
“Alukho uhlelo, uyabona ukuthi le ndoda [uMengameli Ramaphosa] ayazi lutho. Selokhu aba nguMongameli, Sikhula ngesilinganiso esingu-1.3%, nokho i-GDP yethu ngomuntu ngamunye iku-0.7%. Ngakho-ke lokho nje kukodwa, kukutshela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baya ngokuya behlupheka,” kwengeza uNdhlela.

