Now Reading
UBarker ubona bezozitholela kalula amaphuzu kwiChiefs
Dark Light

UBarker ubona bezozitholela kalula amaphuzu kwiChiefs

Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker utshengise ukungayisabi nhlobo iKaizer Chiefs, njengoba eveze ukuthi ukubhekana naleli qembu laseSoweto ukuthatha njengethuba elihle lokuqoqa amaphuzu aphelele.

La maqembu azotholana phezulu namuhla kumdlalo weBetway Premiership, lo mdlalo uzobanjelwa e-Athlone Stadium, eKapa ngele-19:30.

“Kuhlale kuyinto ekhethekile ukudlala neChiefs. Lo mdlalo usinika ithuba elihle lokuthi siqoqe amaphuzu aphelele, sizame ukunyukela phezulu kulogi yeBetway Premiership”

Kumlenze wokuqala la maqembu ebhekene kumdlalo owabe ungoNcwaba iChiefs yanqoba ngamagoli amabili kwelilodwa.

Uma kungaya ngamagama kaBarker iStellies sizoba ngamaphuzu angama-23 emva kwemidlalo eli-14 sizonyukela endaweni yesihlanu kulogi. IChiefs ukunqoba kwayo kuzoyinyusela endaweni yesine ngamaphuzu angama-25 emva kwemidlalo eli-17.

IStellies bekufanele ibhekane neRoyal AM kuleli sonto kodwa umdlalo ugcine uhlehlisiwe njengoba iThwihli Thwahla isabhekene nezinkinga okungaziwa zizophela nini.

Kumdlalo odlule iStellies sidlale ngokulingana neSekhukhune United.

See Also

UBarker uzoya empini ngaphandle kwelinye isosha lakhe uFawaaz Basadien, onesigwebo samakhadi aphuzu.

Lo mdlali odlala kwesokunxele emumva uke wamataniswa nayo iChiefs kodwa wagcina engahambanga.

Leli qembu laseKapa lzokhumbuleka ukuthi likuma Quarter-Final eCAF Confederations Cup ngemuva kokuqeda endaweni yesibili esigabeni samaqoqo.

Scroll To Top