Now Reading
Uhlelo lokuzivuselela kuKhongolose kweleNdlovukazi luhamba kahle kakhulu: Mokonyane
Dark Light

Uhlelo lokuzivuselela kuKhongolose kweleNdlovukazi luhamba kahle kakhulu: Mokonyane

IPhini likaNobhala Jikelele wokuqala we-African National Congress (ANC) uNomvula Mokonyane uthe uhlelo lokuvuselela iqembu KwaZulu-Natal luhamba kahle kakhulu. Uthi ukuhlelwa kwabusha kweProvincial Executive Committee (PEC) akusho ukuthi abaholi bazoxoshwa ku-ANC.

UMokonyane uthi ukuhlelwa kabusha kuyingxenye yohlelo lokuvuselela iqembu. Ubekhuluma KwaCaluza Sports Field eMgungundlovu lapho bekuqhubeka khona imigubho yeminyaka eyi-113 yaleli qembu KwaZulu-Natal.

“Kumele sikhumbuze wonke umuntu ukuthi akekho umuntu okwi-PEC yaseKZN noma Egoli oxoshwayo kukhongolose futhi akukho nhloso yokwenza lokho, kodwa inhloso wukuvuselela iqembu. Sifuna ukuzivuselela futhi siyohlala siza nokungenelela okusisiza ukuthi sikhule futhi sisisize sibe ngcono futhi okusisiza futhi ukuthi siqonde i-KZN ne-GP ngokwamandla azo kanye namandla ezinhlaka zethu ezifundazweni ezimbili,” kuchaza uMokonyane.

Scroll To Top