UMashiphakudliwa usabisa ngokunqamula uxhaso oluza eNingizimu Afrika ngenxa yemigomo yomhlaba
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseMelika uDonald Trump usabise ngokuthi uzoyinqamula yonke imali ezonikezwa iNingizimu Afrika ngokuzayo ngenxa yemigomo yayo yokudliwa komhlaba. Embhalweni wakhe enkundleni yezokuxhumana i-Truth Social, uTrump usole iNingizimu Afrika “ngokuphuca umhlaba” kanye “nokuphatha izigaba ezithile zabantu kabi kakhulu”.
UTrump uphinde wahlasela abezindaba ngokwenqaba ukunaka lolu daba futhi wengeza ngokuthi ukwephulwa okukhulu kwamalungelo abantu kwenzeka ukuze kubonwe yibo bonke.
Akukhona okokuqala iNingizimu Afrika ifakwa isaziso engosini yezokuxhumana kaTrump. Wabhala kuTwitter njengoMongameli ngoNcwaba wezi-2018 ukuthi uyalele uNobhala wakhe Wezwe ukuthi ahlolisise lokho akubiza ngokuthi “ukudliwa komhlaba namapulazi, ukudliwa komhlaba kanye nokubulawa kwabalimi”.
Kulokhu akubhale izolo, upende abezindaba njengabamukeli balokhu okubi okwenzekayo ngokunganaki ukudliwa komhlaba nokuthi iMelika ngeke ikumele, izobhekana naloludaba. UTrump ubhale ukuthi uzoyinqamula yonke imali ebizoxhasa iNingizimu Afrika kuze kube kuphothulwa uphenyo olugcwele ngalesi simo.
Ebuzwa yintatheli ukuthi kungani ekhethe ukulibeka ngembaba igama leNingizimu Afrika phakathi kwazo zonke izizwe zase-Afrika, uTrump uthe: “YiNingizimu Afrika kuphela, lapho kwenzeka izinto ezimbi, ubuholi benza izinto ezimbi, ezihlasimulisa umzimba ngakho kuyaphenywa njengamanje. .Siyazibophezela futhi kuze kube yileso sikhathi lapho sithola ukuthi iNingizimu Afrika yenzani, bathatha umhlaba, futhi empeleni benza izinto ezimbi kakhulu kunalokho.”

