Now Reading
UMnangagwa ufuna kuxoxiswane futhi  kusungulwe uhulumeni omkhulu e-DRC
Dark Light

UMnangagwa ufuna kuxoxiswane futhi  kusungulwe uhulumeni omkhulu e-DRC

Usihlalo weSADC nophinde abenguMengameli weZimbabwe uMnu u-Emmerson Mnangagwa uthi iDRC kayikaze ibe nozinzo isikhathi eside futhi wagcizelele ukuthi kumele kuxoxiswane ukuze kube nokuthula okungapheliyo. Sisashubile isimo empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC) ngenxa yezingxabano eziqhubekayo phakathi kwamavukelambuso e-M23 namasosha ase-DRC.

Udweshu seludlule nemiphefumulo yamasosha ali-14 aseNingizimu Afrika, izidumbu zawo okusamele zibuyiselwe ekhaya. UMnangagwa uveze ukubaluleka kokusungulwa kukahulumeni omkhulu eDRC ukuze kulungiswe lesisimo.

UMnangagwa uthe, “Umuntu angafuna ukubona uhulumeni omkhulu ozolawula lelo zwe elikhulukazi. Leso isinyathelo sokuqala, ngokubona kwami. Njengamanje, sineziphathimandla ezihlukahlukene ezikhuluma ngendlela ehlukile ezweni elilodwa. Angicabangi ukuthi lokho kuyisithombe esihle ezweni elizimele. Sohlangana njenge-SADC kanye ne-East African Community. Singawuphenya lowo mbuzo futhi sibone ukuthi kungenzeka yini ukuqinisekisa ukuthi kuba nezwi elilodwa ezweni elilodwa.”

Scroll To Top