Unozinti weNjampela FC ubona benalo ithuba lokunqoba iqoqo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
U-Andile Mqadi ongunozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iNjampela FC, ubona emaningi amathuba okuthi benganqoba iqoqo njengoba bezodlala imidlalo eminingi ekhaya.
Leli qembu laKwaNongoma ilo elihlezi phezulu kuqoqo A, ngamaphuzu ali-19, lihlezwi imbashalala amaqembu amathathu okuwuMvoti FC enali-18, iMidlands Wanderers FC enali-14 kube iDurban Pioneers nayo enali-14.
“Mude umqansa esibhekene nawo, kodwa ngibona ukuthi sibe nemidlalo eminingi esizoyidlala ekhaya kuzosilekelela kakhulu. Senza kahle kakhulu ekhaya, lokho sikukhombisile kumlenze wokuqala siyinqoba yonke imidlalo. Okusinika ithemba sidlale imidlalo emincane ekhaya kumlenze wokuqala, okusho ukuthi isizoba miningi manje. Abalandeli bethu baphuma ngobuningi bezoseseka ngalokho asikwazi ukubaphoxa” kusho uMqadi.
Kula maqembu alandlela iNjampela FC amabili anokukhulu ukuzithemba, okuwuMvoti FC okwazs ukungena kwi-Last 32 yeNedbank Cup, kanti iDurban Pioneers iyona enqobe iPre-Season Tournament ebiyenziwe uMnyango wezeMidlalo esifundazweni emasontweni edlule.
“Amaqembu asilandelayo anokukhulu ukuzithemba, kodwa nathi siyiqembu sizimisele ukuthatha umdlalo ngomdlalo. Ngesizini edlule sikwazile ukunqoba iqoqo, nakulokhu sisangakwazi ukukwenza lokho. Okumele sikwenze ukungabheki amanye amaqembu, kodwa ukuzibheka thina ukuthi senza njani” kubeka uMqadi.
Lo nozinti oneminyaka yobudala engama-28 isizini yesithathu ekuleli qembu. INjampela FC iyona emele iKwaZulu-Natal emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwi-Motsepe Foundation Championship (MFC), yehluleka ukunyukela phezulu njengoba yehlulwa kowandulela owamanqamu.
“Yize abadlali abaningi behambile eqenjini kodwa, esakufunda kwimidlalo yokuhlungela ukunyukela kwi-MFC kukhulu kakukhulu. Ingakho nginalo ithemba lokuthi nakule sizini makungathiwa siyaya, singasandisa isibalo samaqembu alapha esifundazweni adlala kule ligi engaphezulu kweyethu. Lokho kobe kuwukufezeka kwephupho lami okuwukudlala kwi-Premier Soccer League (PSL), ngingakujabulela lokho kwenzeke nginyuke neqembu. Ngeke nganqaba kodwa makungathiwa khona iqembu elithi liyangisayinisa, elidlala kuyo i-PSL njengamanje” kusho uMqadi.
Uthe bawulungele umdlalo wabo wakule mpelasonto abazowudlala neMuzi King Masters ePrince Mangosuthu Stadium, okuyinkundla yayo iNjampela FC.
Esonga utuse usihlalo weqembu uVusi Buthelezi ohlezi ebaseka ngakho konke, ngaphandle nangaphakathi kwenkundla.
Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Iqoqo A
Kusasa
- Midlands Wanderers vs Summerfield Dynamos eHarry Gwala Stadium, ngele-12:00.
- Mkhumbane Classic vs Asanda FC eKing Zwelithini Stadium, ngele-13:00.
- Ulundi United FC vs Dlangezwa Hellenic ePrince Mangosuthu Stadium, ngele-13:00.
- Umvoti vs Durban Pioneers eKing Edward Park, ngele-15:00
- Njampela FC vs Muzi King Masters ePrince Mangosuthu Stadium, ngele-15:00.
Iqoqo B
Kusasa
- Newcastle All Stars vs Chess e-Arbor Park.
- UMshwathi United vs Ditlou eWartburg Stadium
- Umsinga United vs Drakensberg FC eMzisho Stadium
- KwaMashu Durban Knights vs Junior Eleven eNew Centre
- Mkhambathi FC vs Ethekwini Coastal FC eHarry Gwala Stadium
*Yonke le midlalo izoqala libumbene elesi-3.

