Now Reading
ISoweto Derby izohlukanisa uMashu phakathi nendawo
Dark Light

ISoweto Derby izohlukanisa uMashu phakathi nendawo

Kulindeleke ukuthi isigceme saka-G KwaMashu sihlukane phakathi nendawo mese kutholene phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Amakhosi azovakashela eZimnyama eFNB Stadium, eNasrec, Mgqibelo ligamenxe elesithathu ntambama, kumdlalo weBetway Premiership.

Okuzokwenza ukuthi isigceme saka-G KwaMashu, sihlukane phakathi ingoba abadlali ababili abadabuka khona bazobe beyizitha kulo mdlalo ozobe ubhekwe umhlaba wonke.

Labo badlali nguThalente Mbatha weZimnyama noThabo Cele osanda kusayinwa Amakhosi.

UMbatha uhlala e-Area 4 kanti uCele yena uhlala e-Area 3 okusho ukuthi amakhaya abo ahlukaniswe imigwaqo.

ElaboHlanga likhulume noSiyabonga “Mbhobho” Mhlongo ongumqeqeshi we-Induna Sports Academy, obe nenhlanhla yokuqeqesha labadlali bobabili kanti naye phambilini ubehlala esigcemeni saka-G KwaMashu e-Area 4.

Ngokusho kwakhe ukuvezile ukuthi labadlali bobabili badlalile kwiyona Induna Sports Academy eyasungulwa uSox “Mshokobezi” Mthimkhulu ongasekho emhlabeni.

“Ngikholwa ukuthi lapho uMshokobezi ekhona ukuthi lapho ekhona ugxumagxuma yedwa, ngenxa yenjabulo ukubona omunye umdlali okhiqizwe Induna Sports Academy uCele ezodlalela iqembu elikhulu lapha eNingizimu Afrika. Okumjabulisa kakhulu ukuthi uzobe ebhekene nomunye umdlali owaligqoka ijezi le-Induna uMbatha. Ngiyafisa ukuba ubesadla anhlamvana lo mlando siwubuke naye wenzeka” kusho uMhlongo.

Eqhuba uthe: “Lo mdlalo uzohlukanisa isigceme saka-G, ngoba ilabo bazobe beseka uCele abanye beseka uMbatha okuyinto enhle kakhulu. Ngenhlanhla mina alikho iqembu engilisekayo kulawa azobe edlala, ngalokho ngizobe ngibaseka bobabili. Labadlali bobabili ngathi ngisuka ka-G ngizohlala ka-C ngabalanda ngeza nabo kuyona-Induna, okuyinto engizigqajayo ngayo ukubabona bobabili bezobe bebhekene kumdlalo omkhulu kangaka”.

See Also

UCele uyena owahlala isikhathi eside kwi-Induna Sport Academy kanti uMbatha wahlala isikhathi esincane njengoba washeshe wanyelwa inyoni esandleni ethathwa iDurban FC eyabe iqeqeshwa uFish Zondo, yayidlala esigabeni esingaphezulu.

Induna Sports Academy ingenye yenkulisa ekhiqize inqwaba yabadlali abadlale kwi-Premier Soccer League (PSL), kungabalwa uMenzi Masuku noSiboniso Gaxa ukubala abambalwa.

Ngisho uMbatha ekhuluma esithangamini sabezindaba ukuvumile ukuthi uMashu uhlukene phakathi nendawo.

“UMashu kakhulukazi ngasekhaya esigcemeni saka-G, uhlukene phakathi. Ngiyabona kwi-Whatsapp. Mina noCele sizwana kakhulu, umuntu olithandayo ibhola uyena osihlanganisayo uma sivalile ethi asijime ndawonye. Ukubhekana naye kuzoba into enhle kakhulu” kusho uMbatha.

Scroll To Top