Usongo lokunciphisa uxhaso lweMelika luzothikameza amabhizinisi aseNingizimu Afrika: SACCUSA



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouth Africa Chamber of Commerce in the United States (SACCUSA) izwakalise ukukhathazeka okukhulu ngomthelela ongase ube khona emabhizinisini aseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi uMengameli waseMelika uDonald Trump esabise ngokunciphisa uxhaso lwaseMelika kuleli.
UTrump wabhala enkundleni yakhe i-Truth Social ukuthi i-SA idla umhlaba futhi iphatha abantu bezigaba ezithile kabi nokuthi iMelika ngeke ikumele lokho.
Esitatimendeni, i-SACCUSA ithi iMelika yabophezela imali elinganiselwa kwizigidi ezingama-$440 yokusiza iNingizimu Afrika ngowezi-2024, isekela izinhlelo ezahlukene zezempilo nezenhlalakahle nokuthi isiphakamiso sokuthi uxhaso lweMelika luzonqanyulwa kuphakamisa ukukhathazeka okukhulu kosomabhizinisi baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ngenxa yezinkinga ubudlelwane bezomnotho nezohwebo obude phakathi kwalamazwe amabili.
Lenhlangano ithi ukuhoxiswa okungase kube khona kwezinzuzo ze-African Growth and Opportunity Act (i-AGOA) kuzoba nomthelela omkhulu emabhizinisini aseNingizimu Afrika, okuholela ekulahlekeni kwemisebenzi kanye nokuntengantenga komnotho.
Iphinde yagcizelela isidingo sokuxoxisana nezingxoxo ezakhayo ukuze kuqiniswe izibopho zezomnotho kanye nokubhekana nokukhathazeka ngokusebenzisa imigudu efanele.