I-Argentina izohoxa kwi-WHO ngemuva kokuphuma kweMelika
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Argentina izohoxa kwi-World Health Organisation (WHO), ngokusho kokhulumela uMengameli ngoLwesithathu, kulandela umyalo kaMengameli uDonald Trump ngenyanga edlule wokuthi uyayikhipha iMelika kulenhlangano.
UTrump, uMengameli wase-Argentina uJavier Milei ambheka njengomuntu osondelene naye, unqume ukuphuma kule nhlangano ngosuku lwakhe lokuqala ehhovisi ngoMasingana zingama-20.
UMilei uyalele ukuthi i-Argentina ihoxe ngenxa “yokwehluka okukhulu” mayelana nokuphathwa kwezindaba zezempilo kwe-WHO, ikakhulukazi ubhubhane lokhuvethe, kusho umkhulumeli kamongameli uManuel Adorni, ecaphuna ukuvalwa kwezinyanga(lockdown) zase-Argentina ngaphansi kukahulumeni wangaphambili.
U-Adorni uphinde waveza “ukuntuleka kokukhululeka ethonyeni lezombangazwe lamanye amazwe.”
UTrump ubuye wathi inhlangano yezempilo emhlabeni ayiluphathanga kahle ubhubhane lokhuvethe nezinye izinkinga zezempilo zomhlaba, nokuthi idinga izinkokhelo “ezinzima ngokungafanele” ezivela eMelika, engumxhasi wayo omkhulu.

