AboHlanga kufanele bazigqaje ngamagama amasha afikayo
Angikakahlangabezani nomsakazi, angikakamuzwa umsakazi noma angikakezwa ngomsakazi nosopolitiki abasePhalamende bomdabu, boHlanga, osetolike wahumusha amagama ezinto ezisuke zizintsha ezandleni nasemehlweni ethu. Kwathi qekelele!
Nabo abasakazi nosopolitiki bomdabu bavele bawahlafune, bawakhulume emisakazweni nakomathelevishini njengoba enjalo ngokwesiLungu lawomagama, aze agcine esezwakala ngodlebe sengathi yiseSotho, yiseTswana, yisePedi, yixiTsonga/ysiShangane, yiTshivenda, yisiNdebele, yisiSwati, yisiXhosa, yisiZulu, yisiKhoisan…
Ebasakazini kwelikaMthaniya kwagcina ikakhulukazi ngomsakazi uThokozani Mandlenkosi Ernest Nene nabanye abasakazi kuRadio Bantu noma Radio Zulu osekuwu-Ukhozi FM.
Abomdabu noma aboHlanga nami futhi ngokunjalo ngobuningi bethu, kufanele ngabe kade sazigqaja, ngamagama amasha afikayo, ngokuwatolika nangokuwahumusha ngolimi lwethu lwebele, lwethunga, lwasexhibeni okuyi- seSotho,seTswana, sePedi, xiTsonga/isiShangane, Tshivenda, isiNdebele isiSwati, isiXhosa, isiZulu, isiKhoisan. Esiwasebenzisa kwezobuchwepheshe, kwezokuxhumana, kwezemisakazo, kwezamatheleveshini kanye nokunye.
Ilona kuphela ifagugu nefamlando okungakhonjiswa ezinye izizwe nezinhlanga zaseNingizimu Afrika nezomhlaba nakwamanye amazwe ukuthi, nokho siyakwazi ukucabanga uma kufika amagama amasha ezinto esizisebenzisayo nesizithengile ukuthuthukisa impilonhlalo nobuthina bokubuthina ngesilungu bathi yi-identity.
Akuphili ngaphakathi kithina ukuthi singengeza okwethu phezu kwazo zonke izinto eziphambi kwethu nakulenkathi, ngoba ukuqamba nokusungula okusha kungumqansa. Sivilapha ukucabanga nokuxukuzisa ugebhezi ngisho ekwengezeni kabusha phezu kokuvele kusebenza, bese kubukeka kabusha abathi yi-innovation, sengokomqondonto okuthiwa yi-concept nangomcabangonto okuthiwa yi-idea okungokobuthina bokuba yithina bomdabu noma boHlanga baseNingizimu Afrika nabase-Afrika jikelele.
Baningi abomdabu abafunda imfundo yamabanga aphansi kuya kwaphezulu ezikoleni zezinye izinhlanga ezikhuluma ulimi isiLungu.Othola ukuthi babekhuthazwa ngabazali babo ukuba baqhubeke nokukhuluma ulimi lwesiZulu,lwebele, yize befunda ezikoleni okwakufunda abamhlophe nezinye izinhlanga ezikhuluma ulimi lwesiLungu emakhaya azo.
Bavelele ngalendlela ebabazekayo abanye babo, bakwazi nokukhuluma ezinye izilimi zebele zabanye bomdabu bakubo.Okufanaele ngabe kuyinto esiyikhuthazayo noma ikhuthazwe ngobuqiniso yokuzigqaja ngolimi lwebele, bengazenyezi abomdabu ngalo ukuthi alulutho.Cha akunjalo,luwutho emhlabeni noma yiluphi ulimi lwebele.
Qaphu qaphu, ake sibuke ukuthi imali ebizwa ngerandi yaseNingizimu Afrika ukuthi yona ngabe yaqambeka ngolimi lwebele lwaboHlanga noma lwabomdabu bale lozwe. Imali engamaphepha yayibizwa ngopondo kuthiwa yi-pound, eyisiliva yayibizwa ngosheleni okuthiwa yi-shilling ngenkathi iNingizimu Afrika isabuswa ngababusi babaqoneli base-Britain.
Yaguqulwa leyomali ngokusemthethweni mhlaziyi-14 kuNhlolanja we-1961 sekungababusi bakahulumeni bobandlululo lwamaBhunu eNingizimu Afrika kusukela ngowe-1948, yabizwa ngokuthi amarandi engamaphepha, yabizwa ngamasenti eyisiliva kuze kube manje.
Yingakho kwaba lula kumbuso wobandlullulo lwamaBhunu ukukhombisa ukuthi asengazimela nangokomnotho, yaxebuka kwi-Commonwealth yase-Britain, zinga-31 kuNhlaba we-1961, yabizwa nge-Republic of South Africa kanti nemali yaseNingizimu Afrika yayisibizwa furhi isisebenza ngolimi lwesiBhunu kuphela hhayi ngokolimi lwamaNgisi.
Iqiniso ayikaze imali noma azikaze ezomnotho ngokomnotho kuqanjwe ngokwezilimi zebele zabomdabu imali engeyephepha okuyi-Rand nesiliva ngaphansi kobuholi bukahulumeni wedemokhrasi oholwa yi-ANC.
Ezomnotho zisadamane kalokhu zicakulwa, zichazwa, zikhulunywa ngalo ulimi lwase-Europe nolwase-United States of America. Empeleni kuningi akuzona kuphela ezomnotho.
Ikhona neminye imikhakha engakasukunyelwa ngabomdabu, ngaboHlanga ukuba ibe nobuthina bokubuthina ukuthi singobani ngokolimi lwebele.Ukukhombisa ukuthi siliphethe,siyalibusa izwe ngokwabomdabu noma ngokwaboHlanga.

