Now Reading
Amavukelambuso e-M23 amemezele ukumiswa kokulwa e-DRC ngaphambi komhlangano wesifunda
Dark Light

Amavukelambuso e-M23 amemezele ukumiswa kokulwa e-DRC ngaphambi komhlangano wesifunda

Iqembu lamavukelambuso i-M23 eDemocratic Republic of Congo (DRC) selimemezele ukuthi kuzomiswa ukulwa, okuzoqala namuhla. Leli qembu lamavukelambuso libambene ngezihluthu namasosha kahulumeni kulesi sifunda.

Ukumiswa kokulwa kuza ngaphambi komhlangano ohleliwe wabaholi bamazwe aseNingizimu ne-Afrika (SADC) kanye nabaholi boMphakathi waseMpumalanga Afrika, ohlelelwe uMgqibelo eTanzania.

Laba baholi bahlose ukubhekana nengxabano eqhubekayo empumalanga ye-DRC, lapho kusanda kubulawa khona amasosha aseNingizimu Afrika ali-14. AKUCACI ukuthi amathambo amasosha azobuyiselwa nini eNingizimu Afrika.

See Also

UNgqongqoshe wezokuVikela, u-Angie Motshekga, kulindeleke ukuthi anikeze eminye imininingwane ngalolu daba uma esethula inkulumo yakhe ekomitini lasePhalamende namuhla. Umhlangano wokumiswa kwezikhali kanye nomhlangano ozayo ugqamisa imizamo yokunciphisa ukungezwani kanye nokuthola isisombululo kule ngxabano.

Scroll To Top