Now Reading
USekela-Mengameli we-UDM unxusa ukuthi iSANDF iziphindiselele ku-M23 eDRC
Dark Light

USekela-Mengameli we-UDM unxusa ukuthi iSANDF iziphindiselele ku-M23 eDRC

IPhini likaMengameli we-United Democratic Movement (UDM), uMnu uNqabayomzi Kwankwa, ukholwa wukuthi iNingizimu Afrika kumele ibhukule ifundise amavukelambuso e-M23 isifundo esibalulekile. Lokhu kulandela ukushona kwamasosha ali-14 aseNingizimu Afrika eDemocratic Republic of Congo (DRC),

Nokho imibono yamanye amaqembu ezepolitiki ephalamende ibukeka ikhomba ukuthi akukho ukuvumelana ngendlela okumele iNingizimu Afrika ibhekane ngayo nalesi simo ukuya phambili. Lokhu kubhebhetheke kakhulu ngesikhathi uMengameli waseRwanda uPaul Kagame ethi izwe lakhe selikulungele ukubhekana ngqo neNingizimu Afrika.

UKwankwa uthi iNingizimu Afrika inesibopho sokuqinisekisa isikhundla sayo esifundeni. “Hhayi-ke sisemkhankasweni wokugcina ukuthula, ngiyavuma. Yilokho esikwenzayo ezwenikazi lase-Afrika. Kodwa wenzani uma abantu bekudubula? Uyabjabula? Uthatha ama izimbali ubanike  uthi siyakuthanda uma besidubula?” kubuza uKwankwa.

“Kusho ukuthi abasihloniphi njengezwe. Abalihloniphi ngisho iqhaza esijutshwe ukuthi silenze. Uma abantu besidubula babulale amasosha ethu kufanele siphindisele ngenhlamvu siwafundise isifundo esibalulekile, ngale kwalokho uma senza lezi zinhlelo zokulondoloza ukuthula e-Afrika sizobe sesixhashazwa inoma ubani,” kusho uKwankwa.

See Also

IPhini likaMengameli we-UDM likuphikile ukuthi isiphakamiso seqembu lakhe singukufuna impi. NgokukaKwankwa, uhulumeni kumele aqhamuke nohlelo olucacile lokuthi kumele aqhubeke kanjani phambili, ukuze ahoxise amasosha e-SANDF e-DRC noma awanikeze izinsiza “ukuze singabi inhlekisa lapho uMengameli wezwe elincane kunelethu, angaya kwabezindaba ukuze adelele uMengameli wethu.”

Scroll To Top