Ezakamuva
Ngesikhathi izwe lisenkingeni yagesi eya ngokushuba uMengameli uCyril Ramaphosa usephike wema ngentaba ukuthi ukuhlinzeka ngogesi kungumsebenzi waHulumeni kaZwelonke. Lokhu ukusho ngesikhathi efaka amaphepha okuphendula enkantolo, lapho abamangali abali-19 okubandakanya namaqembu aphikisayo embale noHulumeni kaZwelonke njengabafanele ukuphendula.
IRandi livuleke ngamandla ngo-R18.03/US$ uma liqhathaniswa nedola laseMelika, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule lika-18.22. IRandi livuleke ngamandla ngo-R21.72/UK£ uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, iGreat Britain Pound (GBP), uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule elingu-21.76.






















