Now Reading
Siyakhula isibalo sababhubhe kuzamazama umhlaba
Dark Light

Siyakhula isibalo sababhubhe kuzamazama umhlaba

ITurkey isibophe abantu abayi-184 abasolwa ngokuwa kwezakhiwo ekuzamazameni komhlaba kwale nyanga kanti nophenyo luyakhula, kusho ungqongqoshe, njengoba intukuthelo ivutha bhe ngalokho abaningi abakubona njengenkohlakalo yokwakha.

Ngokuphazima kweso, inani lababulawa ukuzamazama komhlaba, okunamandla kunawo wonke okwahlasela ebusuku ngoNhlolanja ziyi-6, lenyuka laya kwizi-44 128 eTurkey. Lokho kuthathe isibalo sabantu abashonile eTurkey naseSyria engumakhelwane safinyelela ngaphezu kwezi-50 000.

Izakhiwo ezingaphezu kwezi-160 000 eziqukethe amafulethi ayizi-520 000 ziwile noma zilimale kanzima eTurkey ngenxa yenhlekelele, embi kakhulu emlandweni wanamuhla wezwe. UNgqongqoshe wezoBulungiswa uBekir Bozdag uthe bangaphezu kwama-600 abantu abaphenywe mayelana nezakhiwo ezibhidlikile, ekhuluma esithangamini sabezindaba edolobheni eliseningizimu-mpumalanga yeDiyarbakir, eliphakathi kwezifundazwe eziyishumi ezihlaselwe yile nhlekelele.

Ababoshiwe ngokusemthethweni bagqunywe esitokisini kubalwa osonkontileka bokwakha abangama-79, abantu abangama-74 ababhekelele ukusebenza kwezakhiwo, abanikazi bezakhiwo abali-13 kanye nabantu abali-18 abenze izinguquko ezakhiweni. Abantu abaningi baseTurkey bazwakalise ukucasuka ngalokho abakubona njengemikhuba ekhohlakele yokwakha kanye nentuthuko yasemadolobheni enephutha.

See Also

UMengameli uTayyip Erdogan (osesithombeni), obhekene nenselelo enkulu yezombusazwe yokubusa kwakhe iminyaka eyishumi nambili okhethweni oluhlelelwe ukuthi lubanjwe ngoNhlangulana, uthembise ukuziphendulela. Esifundazweni saseGaziantep, imeya yesifunda saseNurdagi – ovela eqenjini elibusayo lika-Erdogan i-AK Party – ubephakathi kwalabo ababoshiwe njengengxenye yophenyo ngezakhiwo eziwile, kubike umsakazi wesifundazwe iTRT Haber kanye neminye imithombo yezindaba.

Scroll To Top