Now Reading
URamaphosa ubhoboke ngokukhathazeka ngesimo saseDRC
Dark Light

URamaphosa ubhoboke ngokukhathazeka ngesimo saseDRC

UMengameli uCyril Ramaphosa (osesithombeni) usethule umyalezo oqinile ngokokuqala ngqa ngesimo esikhona empumalanga yeDemocratic Republic of Congo.

Izigidi ziye zasala dengwane kwashona izinkulungwane njengoba amavukelambuso eM23 namasosha kahulumeni elwa impi ethathe isikhathi eside kuleso sifunda.

Ethula amazwi okuvula njengosihlalo we-AU Peace and Security Council, uRamaphosa uthe isimo esishubile sesiqhubeke isikhathi eside futhi lesi simo asikwazi ukulungiseka. “Siyavuma ukuthi isimo sezokuphepha esintengantengayo empumalanga yeDRC siqhubeke isikhathi eside kakhulu. Akunakwenzeka ukuba sikhathazeke ngale nhlekelele yobuntu eqhubekayo. Kuyasithusa ukubona abantu bebulawa, behlukunyezwa abesifazane namantombazane.”

Khonamanjalo, umkhulumeli wezepolitiki weM23 uLawrence Kanuka usenxuse amazwe omhlaba ukuthi athumele ithimba elizophenya ngalokho akubiza ngesibhicongo esenzeka kulelizwe  lapho amasosha kahulumeni elwa namavukelambuso.

Amavukelambuso e-M23 ayaphika ukuthi enze izibhicongo nokudlwengula abesifazane empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC). Lokhu kungemuva kokuba i-Amnesty International ikhiphe umbiko lapho isola khona leli qembu ngokwenza isihluku kulesifunda.

 Amavukelambuso athi lo mbiko usekelwe ebufakazini babantu obungavezi iqiniso phansi. Athi abaphenyi be-Amnesty International abakaze baye lapho izigameko zenzeka khona ukuze kuqinisekiswe ubufakazi kodwa basheshe baphetha ngokuthi yibo abathintekayo.

See Also

Leliqembu  lithi liyawuphika umbiko wenhlangano yamazwe.

I-Amnesty International isole amasosha eM23 ngokubulala amadoda angama-20 nokudlwengula abesifazane abangama-66 eBambo naseKishishe eDRC.

IM23 yaqinisekisa kuphela ukuthi kushone izakhamuzi eziyisishiyagalombili ezadubuleka ngephutha kwathi abalwi abali-12 babulawa empini bephethe izikhali.

Scroll To Top