Now Reading
Baphonsela inselelo imiphumela yokhetho eNigeria
Dark Light

Baphonsela inselelo imiphumela yokhetho eNigeria

Ongenele ukhetho lukamongameli waseNigeria u-Atiku Abubakar ngoMsombuluko uhole amakhulu abalandeli embhikishweni onokuthula mayelana nekhomishana yokhetho esingethe amavoti angenyanga edlule ikhomishana ethi anqotshwe yilowo obengenele iqembu elibusayo uBola Tinubu.

U-Atiku kanye namalungu aphezulu eqembu eliphikisayo iPeople’s Democratic Party (PDP) bahole abalandeli abebephethe izingqwembe ngesikhathi bemasha beya emahhovisi e-Independent Electoral Commission (INEC) enhlokodolobha yombuso i-Abuja lapho behambise khona incwadi yezikhalazo. Imiphumela ye-INEC ibonise ukuthi uTinubu uwine ukhetho lwangoNhlolanja zingama-25 ngamavoti angama-37% eqhathaniswa nangama-29% ka-Atiku, kwathi uPeter Obi weLabour Party wathola angama-25%.

U-Atiku no-Obi bayinqabile imiphumela, nokho, futhi bahlela ukwethula inselelo yezomthetho. “Zonke izinhlinzeko zomthetho wokhetho okhona manje zephulwa ngokuphelele. Sinelungelo lokubhikisha ngaphansi komthethosisekelo, futhi akusivimbi ukuthi siye enkantolo,” kusho u-Atiku, obegqoke isikibha esimnyama nejini, etshela abalandeli ngaphandle kwamahhovisi ekhomishana yokhetho.

Isikhulu sePDP sinikeze isikhulu se-INEC incwadi yezikhalazo. Kulolu hlu lwezikhalazo olwabonwa ngabakwaReuters, iPDP iwuchithile umphumela wokhetho yaphinde yacela i-INEC ukuthi ichaze ukuthi kungani iqhubekile nokumemezela imiphumela ngemuva kokuthi leli qembu selizwakalise ukukhathazeka ngezinsolo zokungahambi ngendlela ngesikhathi kuqoqwa imiphumela.

I-INEC ayizange iphendule ngokushesha izicelo zokuphawula. Abalandeli bePDP bebephethe  izingqwembe ezimnyama ezibhalwe ukuthi: “Abantu baseNigeria abasayethembi i-INEC”, “USihlalo we-INEC kumele ahambe”, kanye nokuthi “Imiphumela yokhetho lukazwelonke lwango-2023 alibonisi intando yabantu baseNigeria.” Amaphoyisa ahlomile aphethe isisi esikhalisa unyembezi emi eduze.

Izingqapheli zokhetho ezivela ku-European Union, iCommonwealth kanye nezinye izinhlaka zibike izinkinga eziningi, phakathi kwazo ukwehluleka ezinhlelweni eziklanyelwe ukuvimbela ukuxhashazwa kwamavoti.

See Also

Izingqapheli zigxeke i-INEC ngokungahleleli kahle kanye nokubambezeleka kokuvota, kodwa abazange basole ukukhwabanisa. Ikhomishana ngokwayo ixolise ngezinkinga zobuchwepheshe ngesikhathi sokubala. Imiphumela ye-INEC evela  ivoti iphinde yabonisa ngoMsombuluko ukuthi i-APC ebusayo izuze izihlalo eziningi eSenate naseHouse of Representatives, okuzokwenza u-Tinubu adlulise umthetho kanye nesabelomali sikazwelonke ngaphandle kokudinga ukusekelwa kwabaphikisayo.

Abantu baseNigeria bazobuyela okhethweni ngoMgqibelo ukuze bakhethe ababusi bezifundazwe ezingama-28 kwezingu-36 zakuleliya lizwe kanye namalungu endlu yomhlangano.

Scroll To Top