UHulumeni ugweme inhlekelele ngokunyusa amaholo abasebenzi bezempilo


UHulumeni ugweme inhlekelele ngokuvumela ukuqala phansi izingxoxo nenyunyana iNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) emuva kwesiteleka sabasebenzi bakahulumeni esidonse amasonto amabili.
Izibhedlela namakliniki yikho okuthinteke kakhulu ngalesi sikhathi. Emuva kwesikhathi umqashi okunguhulumeni eshaya phansi ngonyawo ethi akagudluki ekunyuseni imiholo ngo-4.7%, ngoLwesibili kusihlwa ushaye ungqimphothwe wabeka etafuleni amaphesenti ayi-7 onyakeni wezimali we-2023/2024.
Abahlaziyi bezomnotho babona uhulumeni ekwazile ukubona ingozi izwe ebelilengela kuyo ukuba uyekelele isiteleka saze safinyelela kuMsombuluko okuwusuku umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema amemezele ngalo ukuvalwa kwezwe.
INehawu bese ivele ishilo ukuthi uma kuqhubeka isiteleka izoba ingxenye yokuvalwa kwezwe kwangoMsombuluko.
Kusuka iNehawu ilaxaze umsebenzi, bayisithupha abantu okubikwe ukuthi bashonile ezibhedlela ngenxa yokungalutholi usizo.
Kukhona ukukhuluma okuthi ukuphela kwesiteleka seNehawu kuzosidambisa umkhankaso wokuvalwa kwezwe ohlelelwe uMsombuluko.
Ngaphandle kwesiteleka, osomnotho bathi baningi umnotho uzoshayeka ngoba baningi abantu abangeke balubhade emsebenzini ngoMsombuluko ngoba ngakusasa ngoLwesibili kuzobe kuyiholidi.