INyuvesi iZululand isiphenduke umhume wabaphangi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kumisiwe ukufunda eNyuvesi iZululand, emva kokuthi kusabalale izindaba zokuthi abafundi bakuleNyuvesi bahlaselwe ngabaphangi akade behlome bezingovolo.
Kunevidiyo esabalele ekhombisa lesi sigameko esenzeke emagcekeni lapho okuhlala khona abafundi. Lezi zigelekeqe bese zibaleka zihujwa amalunga omphakathi, abize amaphoyisa.
Kubikwa ukuthi lezi zigelekeqe zifike zakhahlela izicabha, zashaqa impahla yezitshudeni, okubalwa ama-laptops nomakhalekhukhwini. Lesi sigameko senzeke ngehora lesishiyagalombili ngoLwesibili ebusuku.
Yize kungekho umfundi olimele kulokhu kuhlasela kwakamuva, abafundi basathuka izanya. Okwesibili behlaselwa esikhathini esingaphansi kwesonto.
“Abafundi abahlala kwezinye zezindawo ezingaphandle kwesikhungo bahlala benovalo lokuphucwa impahla yabo bekhonjwe ngezibhamu. Ezinye izindawo zokuhlala zinezinkundla ezilwa nobugebengu futhi ziyasiza kodwa ezinye izindawo azinalo usizo,” kusho uSihlalo we-South African Students Congress (Sasco) eNyuvesi, uSiboniso Gamede.
Eqhuba uthe nangowezi-2019, kwadutshulwa isitshudeni, behlaselwa yiwo amadabuka (okuyigama lezigelekeqe). Kwaze kwafika noNgqongqoshe wamaphoyisa kazwelonke uMnuz uBheki Cele, ngalowo nyaka, kodwa namanje basakhala esifanayo.
Ongumqondisi wezokuxhumana oNgoye, uNkk Gcina Nhleko-Mdluli, ukuqinisekisile ukuvalwa kwesikhungo.
“Yebo zikhona izitshudeni ezihlaseliwe, ngoLwesibili, kodwa abekho abalimele. Sibone kungcono ukuthi sivale isikhungo, ngenxa yokwethuka kwezitshudeni.
Okwamanje alukho usuku olunqunyiwe okuzoqhubeka ngalo ukufunda. Sisazolinda kudambe isimo, kwehle namaphaphu,” kubeka uNkk Nhleko-Mdluli.
Izindaba ezimnandi ukuthi ezinye zezigelekeqe ezimbili, zibanjwe yilabo nobugebengu abaholwa ikhansela lendawo.
UNtuthuko Makhanya omele uwadi-34 e-Richards Bay, uthe bakhathazekile ngokuphepha kwabafundi bale Nyuvesi.
UMakhanya uthe ngesikhathi bezwa ngomdonsiswano phakathi kwabafundi nezigebengu ebezihlomile iqulu lizithele phambi kwabo kwaba nokudubulana, kodwa kwangalimala muntu.
Uthe unethemba lokuthi iforamu izodlulela nakwezinye izindawo futhi kwengezwe ezokuphepha.