Now Reading
Abezindaba baphenduke umtshingo ubethwa ngubani
Dark Light

Abezindaba baphenduke umtshingo ubethwa ngubani

Iphalamende elisha laseTunisia lihlale okokuqala ngqa ngoMsombuluko kodwa umfelandawonye uthe angeke balibone ukuba semthethweni kwawo ngemuva kokhetho olunamaphesenti ali-11 nje kuphela.

UMengameli uKais Saied wahlakaza iphalamende elakhethwa ngaphambilini ngoNtulikazi wezi-2021, wakhipha isinqumo sokubusa yedwa (decree) amaqembu aphikisayo akubize ngokuketula umbuso. Izintatheli ezizimele azizange zivunyelwe ukwethamela iseshini yokuvula iphalamende okokuqala ngqa selokhu kwaba noguquko lwaseTunisia ngowezi-2011.

Izikhulu zitshele izintatheli ukuthi ithelevishini nemisakazo yombuso kuphela kanye nesikhungo sezindaba sikahulumeni abavunyelwe ukucobelela ngomcimbi.

Iphalamende elisha, eliqokwe okhethweni ngoZibandlela nangoMasingana, lisebenza ngaphansi komthethosisekelo owabhalwa nguSaied ngonyaka odlule. Lizoba namandla amancane kakhulu uma liqhathaniswa nephalamende langaphambalini.

USaied uthe izenzo zakhe zisemthethweni futhi ziyadingeka ukusindisa iTunisia eminyakeni yobunzima.

Njengoba iningi lamaqembu aluduba ukhetho, nabangenele ukhetho bebhalwe emaphepheni okuvota ngaphandle kweqembu, iningi lamalungu ephalamende amasha azimele kwezombusazwe.

See Also

INational Salvation Front, umfelandawonye omkhulu wamabandla aphikisayo, esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko,  uthe wona angeke ulamukele iphalamende elisha. USaleh Mbarki, obengusihlalo womhlangano wokuvula, uthe: “Umsebenzi wethu njengabamele abantu wukusebenza ngokubambisana nesigungu esiphezulu sobumbano lombuso.”

Izintatheli zibhikishele ukukhishwa kwazo emhlanganweni, zabuthana esangweni lephalamende zacula: “Abenzi bomthetho kuyihlazo. Abezindaba bavinjezelwe”.

“Kuyihlazo futhi kuwukwephulwa okukhulu kwenkululeko yabezindaba. Kulimaza isithombe seTunisia futhi kuhlasela ilungelo lesakhamuzi semithombo yezindaba ekhululekile nexubile,” u-Amira Mohamed, iphini likamongameli weJournalists Syndicate, utshele abeReuters.

Scroll To Top