Kulindeleke libe likhulu isasa lePrince Mangosuthu Ultra Marathon
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi liqhubeke nokuba phezulu izinga lo mqhudelwano wokusubatha iPrince Mangosuthu Ultra Marathon, okuyimbangela yalokho ingoba ilinganiselwa kwizinkulungwane ezingaphezulu kwezingama-R700 imali ezonqotshwa ilabo abazobe beyingxenye yawo.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi kade kuthulwa lo mqhudelwano wakulonyaka nokulindeleke ukuthi ube mhla zingama-30 kuMbasa. Ukuthulwa ngokusemthethweni kwalo mqhudelwano bekwenzeka eCoastland Hotel.
Lo mqhudelwano ozosukela eNquthu uphelele eDundee, uzoba namabanga ahluke kathathu elama-52km, nelama-21km kanye nelika-10km.
Ibanga lama-21km lizobe ligijinywa okokuqala nonyaka, lokho kwenzeka emva kwesicelo esacelwa abasubathi nyakenye ukuthi malibe khona leli banga kwazise khona okuba nzima ukuqeda ibanga lama-52km.
Lo mqhudelwano uzogijnywa okwesithathu nonyaka, ugijinywe ngonyaka wezi-2019, kwathi ngonyaka wezi-2020 wangaba bikho ngenxa yokufika koKhuvethe, ube usubuya nyakenye. Ngokomthetho lo mqhudelwano waqala ngonyaka wezi-2011 kodwa wabe usumiswa ngenxa yokushintsha kosopolitiki.
Ukuthulwa kwePrince Mangosuthu Ultra Marathon bekuhanjelwe iMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane, iMeya yaseNquthu uZama Shabalala nabeBiggersburg Athletics Club okuyiyo ehlela lo mjaho.
Kulindelwe ukuthi ungenelwe abasubathi abaqhamuka emazweni angaphandle okubalwa iKenya, iMozambique, iZimbabwe neSwazini.
Ngokusho kukaNgubane uthe inhlosongqangi enkulu yalo mqhudelwano ukuhonipha uMntwana waKwaPhindangene nokuthuthukisa oMasipala abangaphansi koMzinyathi okuyiNquthu, iNdumeni, uMsinga noMvoti ngokwezomnotho.
Okunye ngalo mqhudelwano abantu bazobe bezilolongela ngawo iComrades Marathon, kwazise nawo ungowokuhlengela yona iComrades Marathon.
“Sithemba ukuthi nakulo nyaka izinga lizoba phezulu kakhulu. Siyacela ukuthi abasubathi bebe beqala bebhalisela ukugijima lo mqhudelwano, imikomelo izobe iconsia amathe. Abazoshaya intambo kuqala bazophinde bahlomule ngomkomelo ozobe uqhamuka kuMeya” kusho uNgubane.
Uphinde wabalula ukuthi basabadinga abaxhasi, abazokwenza uthuthuke kakhulu lo mqhudelwano.
Abasakhona okwamanje abaxhasi, i-Orange Groove, i-Aquelle, Asiziqalele Constructors yaseNquthu neCoca Cola.
Ozonqoba ebangeni lama-52km uzogoduka nelizinkulungwane ezingama-R100, ku-21km ahambe nelizinkulungwane ezingama-R50 kuthi ebangeni lika-10km ahambe nezinkulungwane ezi-R5.