Ukuthamba kwesandla emingceleni yakuleli namazwe angomakhelwane kuphinde kwahlala obala ngesikhathi kuvundululwa inqwaba yemithi ebisuka eSwatini ishushumbiselwa kuleli ngokungemthetho ngempelasonto.
UMasipala weTheku KwaZulu-Natal uthi ubona isinqumo sikahulumeni kazwelonke sokumisa ukukhishwa kwesamba semali yesibonelelo sikahulumeni sezigidi eziyikhulu (R100-million), njengesididayo nesiphoxayo.
Abasemkhakheni wezakhiwo nezindlu bazwakalise ukukhathazeka ngokuvalwa kwehhovisi lamatayitela ePitoli, bathi lokhu kuzoba nomthelela omubi emkhakheni wezakhiwo futhi kudale nokusalela emuva ekubhalisweni kwezakhiwo.
Ukuthola uxhaso lwezimali kusalokhu kuyisikhubekiso esikhulu kubanikazi bamabhizinisi abasafufusa, abaningi babo abanobuhlakani obusha bokushintsha imidlalo obungaxazulula izinselelo zezwe ezifana nenkinga kagesi.
Kuzwakale ukuqhuma kwezibhamu okungenani emadolobheni amabili esifundeni sase-Amhara e-Ethiopia ngeSonto njengoba izinkulungwane zibhikishela umyalelo kahulumeni kazwelonke wokuhlanganisa amabutho akhethekile esifunda emaphoyiseni noma embuthweni wezwe, kusho izakhamuzi.
U-Alexander Lukashenko, uMengameli waseBelarus, utshele uNgqongqoshe wezokuvikela waseRussia ngoMsombuluko ukuthi ufuna iziqinisekiso zokuthi iMoscow izolivikela izwe lakhe uma lihlaselwa, kubika abezindaba zeBelTA ezingaphansi kukahulumeni.
Izolo ngoLwesithathu iMeya yaseMhlathuze uXolani Ngwezi nethimba lakhe bavakashele umndeni wakaKhumbane, olahlekelwe ubaba wekhaya ngenxa yemvula enamandla ebihlasele iMpangeni namaphethelo.
EPhasikeni siyakhumbula ngesizotha iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe elinguJesu Khrestu onguNkulunkulu ngokuphelele, liwumuntu futhi ngokuphelele. …...
Ababhikishi bajikijele amaphoyisa ngamatshe enhlokodolobha yaseKenya kwathi abahlaseli bashisa ihhovisi eliphethwe yiqembu likamengameli edolobheni elisentshonalanga ngoLwesine ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho yesithathu ebihlelwe abaphikisi bakhe.
IBurkina Faso isixoshe izintatheli ezimbili zaseFrance ezisebenzela amaphephandaba iLe Monde neLiberation, kusho lamaphephandaba amabili ngeSonto, esola iziphathimandla ngokuzama ukucindezela inkululeko yokukhuluma ngokuhlaselwa okukhulayo kwabezindaba zangaphandle.
UMengameli Cyril Ramaphosa uthi uhulumeni kancane kancane uyanciphisa ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha ezweni. Izibalo ziveze ukuthi ingaphezulu kwama-60% intsha engesebenzi.
Emasontweni ambalwa ngemuva kokuhlasela okunodlame kwabafuduki 22 eTunisia okwadala ukuthi kube nengozi yokuthi bahambe ngezikebhe zabashushumbisi beya e-Italy, abantu abaningi base-Afrika namanje abanamakhaya futhi abanamisebenzi kanti abanye bathi basabhekene nokuhlaselwa ngokobuhlanga.
Umfelandawonye kaNdunankulu wase-Israel uBenjamin Netanyahu ungene esiphithiphithini ngoMsombuluko, ngemuva kwemibhikisho yasebusuku yokuxosha isikhulu sakhe sezokuvikela kwafaka ingcindezi kuhulumeni ukuthi amise izinhlelo zakhe ezithole ukuphikiswa kakhulu zokulungisa ezobulungiswa.
UNgqongqoshe kagesi uDkt. Kgotsientsho Ramokgopa uthi ukubambezeleka kokulungiswa kweyunithi yokuqala yeNuclear Power Station yaseKoeberg eKapa kuzophazamisa ikhono lokunciphisa ukucisha kukagesi cishe izinyanga ezimbili.
ICosatu neSACP eMpumalanga basabise ngokuthi bazowuqinisa umkhankaso wokuthi kwehliswe imali ekhokhwayo kwamatoll gate. Lokhu kuza njengoba iSanral inyuse imali ekhokhwayo ekuqaleni kwale nyanga.
Ngenxa yothando abanalo ngesibhakela ophromotha ababili besifazane bazoqhubeka nokuqhatha, yize bebhekene nezinqinamba zokuhlela umqhudelwano wabo.…...
Amaphoyisa aseKenya aqhumise isisi esikhalisa unyembezi kumholi weqembu eliphikisayo ngoMsombuluko abopha abaphathi bezomthetho eqenjini lakhe ephalamende, ngesikhathi ababhikishi begcwele imigwaqo bebhikishela uMengameli uWilliam Ruto kanye nezindleko eziphezulu zokuphila.
Inkantolo yaseChad igwebe amavukelambuso angaphezu kwama-400 udilikajele ngoLwesibili ngokushona kowayengumengameli u-Idriss Deby, owabulawa ngaphambi kwempi eyayibhekene neqembu lawo ngowezi-2021, kusho ummeli wawo.
IMeya yasoKhahlamba uMnu uVikizitha Mlotshwa, uthe konke sekumi ngomumo ngomcimbi wokukhumbula labo ababulawa ngombango wensangu.…...
Ngesikhathi uMengameli uCyril uRamaphosa ejuba inkampani engaphansi kukahulumeni eyengamele imigwaqo iSanral ukuba iqale umkhankaso wokuvalwa kwemigodi nezikhinsi emigwaqeni yakuleli, kwabuya ithemba kubashayeli, izinkampani nabasebenzisi bomgwawo.
Ubuhlalu busetshenziswa ezingxenyeni ezahlukene zase-Afrika njengokuhloba noma imisebenzi yobuciko. Ubuhlalu bungaba ngesimo se-ankle, isongo, iketanga okhalo, umgexo, izindandatho, namacici njll.
UMthethosisekelo yiwona umthetho ophakeme ukwedlula yonke eminye imithetho, ngakho-ke, yonke eminye imithetho kumele ihambisane noMthethosisekelo. Negama liyazisho ukuthi umthetho oyisisekelo sayo yonke imithetho. Wonke umuntu waseNingizimu Afrika kumele athobele umthethosisekelo.
Usuku lwayizolo obelubhekwe ngabomvu lokuvalwa kwezwe obeluholwa yi-Economic Freedom Fighters (EFF) lufike lwedlula ngaphandle kwezidubedube obekusatshelwa ukuthi zingaqubuka, nakuba kukhona ababoshiwe ngamacala ehlukene.
Ngaphambi kokufika kosuku lwanamuhla obelubhekwe kakhulu kulandela isimemezelo somholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJuius Malema sokuvalwa kwezwe, abanye abantu ezweni bese beqalile ukubonga lo mholi neZitoyitoyi ngokubembulela elinye ikhasi.