Now Reading
Ijike endleleni iChina ekwesekeni uPutin ngezikhali
Dark Light

Ijike endleleni iChina ekwesekeni uPutin ngezikhali

IChina ayizange iqhubeke nokuhlinzeka ngosizo lwezikhali oluzosiza iRussia ekuhlaseleni kwayo i-Ukraine kanti i-United States ikubeke kwacaca  ukuthi uma ishintsha kulokho kuzoba nemiphumela emibi, kusho umeluleki wezokuphepha kuzwelonke eWhite House uJake Sullivan ngeSonto.

“IBeijing kuzofanele izithathele izinqumo mayelana nokuthi iqhubeka kanjani, noma ihlinzeka ngosizo lwezempi, kepha uma ingena ngaleyondlela, kuzoba nezindleko zangempela eChina,” kusho uSullivan engxoxweni abe nayo neCNN’s State of the Union.”

IChina ayizange iqhubekele phambili ekunikezeni lolo sizo, kodwa futhi iBeijing ayizange ilususe loludaba etafuleni, kusho uSullivan engxoxweni ehlukile ohlelweni lwe-ABC “Kuleli sonto”. Izikhulu zaseMelika zixwayise ozakwabo baseChina  mayelana nokuthi zingaba yini lezo zindleko, kusho uSullivan, kodwa ngeke acacise ngalezo zingxoxo eziyimfihlo.

I-United States kanye nabalingani bayo be-NATO bebelokhu bezama ukuxwayisa iChina ngesinyathelo esinjalo ezinsukwini ezisanda kwedlula, bebeka imibono yomphakathi ngenkolelo yabo yokuthi iChina icabanga ukuhlinzeka ngemishini ebulalayo eRussia.

UMqondisi weCIA uWilliam Burns naye ulinganise mayelana neChina ngeSonto. “Sinethemba lokuthi ubuholi baseChina bucubungula ukuhlinzekwa kwemishini ebulalayo. Asiboni futhi ukuthi sekuthathwe isinqumo sokugcina, futhi asibuboni ubufakazi bokuthunyelwa kwemishini ebulalayo,” kusho uBurns etshela uhlelo lweCBS oluthi “Face the Nation.”

Omele iqembu lamaRepublican uMichael McCaul, usihlalo weKomidi Lezindaba Zangaphandle LeNdlu Yabameleli, uthe izinhlolo zaseMelika zikhombisa ukuthi ama-drones aphakathi kwezikhali ezibulalayo iChina ecabange ukuzithumela eRussia.

See Also

UMengameli waseMelika uJoe Biden uvakashele eKyiv wahlangana noMengameli uVolodymyr Zelenskyy ngoMsombuluko odlule, ethembisa usizo olusha lwezempi lwase-Ukraine olubiza izigidi ezingama-$500 zamaDollar. Ngesonto eledlule kugujwe unyaka wokuqala wokuhlasela kweRussia.

I-United States ibe ngumnikezeli omkhulu kakhulu wosizo lwezempi ukusiza i-Ukraine ukuxosha amabutho aseRussia ahlome kangcono. I-Ukraine ilindele ukuhlasela okusha okukhulu kweRussia maduze.

Scroll To Top