Now Reading
URamaphosa wethwese uGodongwane umnqamlezo onzima
Dark Light

URamaphosa wethwese uGodongwane umnqamlezo onzima

Namuhla ( ngoLwesithathu) amehlo azobe ethe njo kuNgqongqoshe Wezezimali uMnu u-Enock Godongwane ozokwethula isabelo sezimali sowezi 2023/2024. UGodongwane uvele usenikiwe umphako yizinhlangano zezepolitiki, osomnotho nomphakathi wakuleli ngezinto okumele ahlakule kuzo. IDemocratic Alliance (DA) ithi ayilindele ukuthi ungqongqoshe anyuse izintela njengoba isimo somnotho sisibi ezweni, zonke izinto zinyukile kuphinde kuhlasele nokunqamuka kukagesi okungenamkhawulo.

Abantu emazingeni aphansi balindele ukuthi babonelelwe kulesi sabelo njengoba uMengameli uCyril Ramaphosa athembisa ukuthi uNgqongqoshe Wezezimali uzokwenza isimemezelo enkulumweni yakhe yesabelomali. UGodongwane uzokwethula lesi sabelo nje sekuvele uMengameli uRamaphosa ayiphonsa kuye ingcabha ngesikhathi ethula inkulumo engobume besizwe. Izazi zezomnotho zithi zilindele ukuba uGodongwane enze izimemezelo ngezinkampani ezingaphansi kukaHulumeni njenge-Eskom. USomnotho uThalia Petousis, oyiMeneja kwa-Allan Gray, ubalule izinto okumele agxile kuzo ungqongqoshe. Kuzona uthe kuyobe akaqedanga uma engayibalulanga indaba yomthelela wokucinywa kukagesi, ukukhula kwezindleko zamaholo abasebenzi bakahulumeni, njengoba izinyunyana zisichithile isiphakamiso sikahulumeni sokwenyusa amaholo ngamaphesenti amathathu. Uphinde wathi kumele akhulume ngokuba sengcupheni kwezinkampani ezingaphansi kukahulumeni.

UPetousis uthe isimemezelo esilindelekile sokuqhubeka nokuholela abantu abangasebenzi ama-R350 sizoba nomthelela ngoba lena yimali eyayingahleleliwe.

See Also

Ngokusho kwakhe, ngonyaka owedlule uMgcinimafa wahlawumbisela ukuthi isabelomali sonyaka we-2022/23 singanqindeka ngama-R324 billion okungaba yi-4.9% weGDP. Izinyunyana sezivele zishilo ukuthi akusekho ukubuyela emuva zizongenela isiteleka esingenamkhawulo uma uhulumeni eqhubeka nokuqinisa ikhanda, Khona kusasa sezishilo ukuthi zizobhikisha ngaphandle kwalapho kuzobe kwethulwa khona isabelozimali eKapa. Imibhikisho kubhekeke ukuba iqhubeke nakusasa ePitoli, bese kuthi ngesonto elizayo inabele nakwezinye izifundazwe njengeKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape.

Scroll To Top