Now Reading
INehawu isabisa ngokuqinisa isiteleka 
Dark Light

INehawu isabisa ngokuqinisa isiteleka 

Naphezu kwezikhalo eziqhamuka nxa zonke ngesimo seziguli ezibhedlela zakuleli kusukela kuqale isiteleka sabasebenzi bakahulumeni abangaphansi kwenyunyana iNehawu, le nyunyana ithi lingawa licoshwe izinkukhu angeke bahlehle. 

Balibeka ngesihloko elokuthi esikhundleni salokho uzoya ngokuqina umkhankaso wabo ukuze nabanye ozakwabo abasaqhubeka nokusebenza babajoyine esitelekeni. Sekube nezigameko eziningi ezibikiwe zokuhlukumezeka kweziguli, zivinjwa emasangweni ezibhedlela, ezinye zingavunyelwa nokuba zivakashelwe izihlobo ngenxa yabasebenzi abavimbe emasangweni. 

Izolo kube nombiko wokuthi owesifazane obezithwele esibhedlela saseFree State ugcine ebelethe ngaphambi kwesikhathi usana lwadlula emhlabeni. Khona eMpumalanga owesifazane oneminyaka engrams-65 osebenzisa ipayipi ukuzikhulula umndeni wakhe nawo uphoqelekile ukuba ubuyele naye ekhaya ngoba esibhedlela baxoshwe abahlengikazi nabasebenzi bengakafiki ngisho nasesangweni. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebekhala ngokulahleka konembeza kubasebenzi bezempilo ngesihluku abasikhombisayo. 

Lesi siteleka siqhubeka nje, uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nokuphatha uphinde wanikela eNkantolo Yabasebenzi ufuna ukuba sithathwe njengesingekho emthethweni. INehawu ithi uhulumeni akahambe ashone sebemnike isikhathi eside kakhulu. Abasebenzi bamile ekutheni bafuna ukunyuselwa amaholo ngamaphesenti ali-10, kepha umqashi usamile kumaphesenti ali-4.7.

See Also

KwaZulu-Natal zingaphezu kwama-80 izibhedlela eziphazamisekile ezingxenyeni ezihlukene. UNgqongqoshe Wezempilo uNks uNomagugu Simelane uthe esibhedlela iGreys eMgungundlovu abasebenzi abangaphakathi nabo bayavinjwa ozakwabo, abakwazi ngisho nokuphuma njengoba iningi labo lihlala ngaphakathi. Uthe zikhona izinhlelo zokubhekana nesiteleka ekuphephiseni abasebenzi.

Izibhedlela okuthiwa isimo sibi kuzona  I Helen Joseph, Chris Hani Baragwanath, I Thelle Mogoerane, I Tembisa, I Bheki Mlangeni, I Kopanong, I Sebokeng, I Heidelberg, I Leratong neCarletonville hospitals.

Scroll To Top