Now Reading
Kubukeka izinto zivuna amaProteas koweTest
Dark Light

Kubukeka izinto zivuna amaProteas koweTest

AmaProteas avale usuku lokuqala evunwa yizinto emdlalweni wokuqala kwemibili yochungechunge yosuku olulodwa phakathi kwelakuleli neWest Indies eSuperSport Park, ePitoli.

UTemba Bavuma uwine ithosi wathatha isinqumo sokuthi ezakhe zizobhetha kuqala kumdlalo weWorld Test Championship.

Bekungokuqala uBavuma ehola iqembu emidlalweni yama-Test. Uthathe izintambo zokuhola kuDean Elgar.

Kulo mdlalo amaProteas anike uTony De Zorzi noGerald Coetze ingqayizivele yethuba lokudlalela izwe labo.

AmaProteas aqale kahle kakhulu okufakazelwe yindlela u-Elgar no-Aiden Markram abadlale ngayo.

Bahlanganise ama-run angaphezu kwekhulu (141) kungakawi neyodwa iwikhethi okwakhele iqembu isisekelo esiqinile.

U-Elgar ushaye ama-run angama-71 kwathi uMarkram wathola ali-115.

Nge-over ka-35.3, lugcine lugobile uphondo kumaProteas ngesikhathi u-Elgar ekhishwa ngu-Alzzari Joseph omcuphele umgoga ngengcwenga yebhola ebigqoma ngesivinini ngaphezu kwekhanda laleli nxele. 

See Also

Lizame ukuleqisa ngenhloso yokuthi lithinte intambo kodwa uJarmaine Blackwood watshuzisa okwebhanoyi emoyeni wabuya nalo ephila ibhola kwaba wukuphuma kuka-Elgar.

Abalandele emuva kuka-Elgar noMarkram bahlulekile wukuqhubeka nalo mgqigqo omuhle walezi zinsizwa ezimbili.

Lokhu kuholele ekutheni amaProteas avale usuku esehlanganise ama-run angu-314 kusawe amawikhethi ayisishiyagalombili kuma-over angu-82.

UJoseph uhlomule ngamawikhethi amathathu walekelelwa nguJason Holder, Kemar Roach, Kyle Mayers, noShannon Gabriel. Osazobhetha kumaProteas ngu-Anrich Nortje.

Scroll To Top