Now Reading
Kugqame inhlese yokukhalinywa kwabezindaba eBurkina Faso
Dark Light

Kugqame inhlese yokukhalinywa kwabezindaba eBurkina Faso

IBurkina Faso isixoshe izintatheli ezimbili zaseFrance ezisebenzela amaphephandaba iLe Monde neLiberation, kusho lamaphephandaba amabili ngeSonto, esola iziphathimandla ngokuzama ukucindezela inkululeko yokukhuluma ngokuhlaselwa okukhulayo kwabezindaba zangaphandle.

Iphephandaba iLiberation ithe intatheli yayo u-Agnès Faivre kanye nentatheli yephephandana iLe Monde’s uSophie Douce bafike eParis ekuseni ngeSonto ngemuva kokuba bebizelwe ngokwehlukana ukuzophenywa ngemibuzo yiziphathimandla zamasosha ngoLwesihlanu futhi kamuva baziswe ngokuxoshwa kwabo.

Laba ababili “bayizintatheli ezinobuqotho obuphelele, ababesebenza eBurkina Faso ngokusemthethweni, benamavisa asemthethweni kanye nezimvume. Siphikisana kakhulu nalokhu kuxoshwa okungenasizathu,” kusho iphephandaba iLiberation esitatimendeni somhleli kuwebhusayithi yalo.

Besingekho isitatimende seziphathimandla zaseBurkina Faso futhi akutholakalanga ngokushesha ukuthi ziphawule. UMnyango Wezangaphandle waseFrance awuzange uphendule ngokushesha esicelweni sokuphawula.

Ubudlelwano phakathi kweParis ne-Ouagadougou buye bawohloka kakhulu kusukela amasosha aseBurkina Faso athatha izintambo zombuso ngoMfumfu odlule. Kusukela ngaleso sikhathi ijunta (uhulumeni wamasosha)  wayalele amasosha aseFrance ukuthi ahoxe kuleliya lizwe futhi yamisa ukusakazwa kwesiteshi somsakazo nethelevishini iRFI yaseFrance iFrance 24.

“Lokhu kuxoshwa kwezintatheli ezimbili kuphawula ukubuyisela emuva okukhulu enkululekweni yokwazisa ngesimo saseBurkina Faso,” kusho uMqondisi weLe Monde uJérôme Fenoglio esitatimendeni.

See Also

Ukubika kukaDouce “kusobala ukuthi kugcine kubukeka kungabekezeleleki kuhulumeni ka-Ibrahim Traoré, umengameli wezinguquko izinyanga eziyisithupha,” kusho uFenoglio.

Iphephandaba iLiberation ithe uphenyo lwakamuva olwenziwe nguFaivre mayelana nezingane kanye nentsha okuthiwa zibulawelwe enkanjini yamasosha kungenzeka ukuthi akuziphathanga kahle  iziphathimandla. “Le mikhawulo yenkululeko yolwazi ayamukelekile futhi iwuphawu lwahulumeni onqabayo ukuvumela izenzo zawo ukuba zingatshazwa,” kusho leliphephandaba.

Scroll To Top