Ukuvalwa kwezwe kube yimpumelelo: Holomisa


Usuku lwayizolo obelubhekwe ngabomvu lokuvalwa kwezwe obeluholwa yi-Economic Freedom Fighters (EFF) lufike lwedlula ngaphandle kwezidubedube obekusatshelwa ukuthi zingaqubuka, nakuba kukhona ababoshiwe ngamacala ehlukene.
Umbhikisho wayizolo ubumayelana nokuphoqa uhulumeni ukuba uqede ukunqanyulwa kukagesi, inkinga yokungabibikho kwemisebenzi nokuba uMengameli uCyril Ramaphosa ashenxe esikhundleni. Imibhikisho namamashi bekuthe chithi saka ezweni lonke, kodwa ebe nkulu kakhulu yileyo ebibheke eziNdlini Zombuso ePitoli ebiholwa uMnu uJulius Malema. Ubephahlwe ngabanye abaholi benyunyana iSouth African Federation of Trade Union (SAFTU), iPan Africanist Congress (PAC), uMnu uCarl Niehaus owaxoshwa kuKhongolose, ubuholi be-African Transformation Movement (ATM). Bekukhona noNks uDudu Zuma oyindodakazi kaMnu uJacob Zuma.
Emadolobheni amakhulu njengaseThekwini, eGoli nasePitoli bekushaya umoya amabhizinisi amaningi evaliwe. Amatekisi nakuba abehamba njengokujwayelekile kodwa abegenqeza wodwa ngoba abagibeli bebengabonwa. EKapa izitimela bezingahambi, yize kuthiwe lokho bekungahlangene nokuvalwa kwezwe, kepha kudalwe yizinkinga zobuchwepheshe. EGoli amabhasi akwaPutco agcine ekumisa ukusebenza abaphathi bethi bavikela abasebenzi babo.
Umholi we-United Democratic Front (UDM) uJenene uBantu Holomisa uthe abagqugquzeli bemashi bakuzuzile abebekuhlosile. Uthe kusuka ekuseni ezitaladini ePitoli bekushaya umoya namabhizinisi evalile. UHolomisa uthe uRamaphosa uchithe imali eningi kwezokuphepha kepha kwangabakhona zigameko ebezibhekiwe.
Ne-IFP kuzwelonke iphawulile ngokuhamba kahle kwemashi eqhubeke ngaphandle kwezihibe. Kukhona abathi ukuqiniswa kwezokuphepha kube yinto enhle ngoba bekungaziwa mbhantshi kujiya.
Ekhuluma kulo mbhikisho uMalema uthe, “URamaphosa utshele abamabhizinisi ukuthi abavule uzobavikela, uMalema wabatshela ukuthi abavale, balalele bani osomabhizinisi, uMalema ngoba bavalike.” Wenze ihlaya ngeSantaco ngesinqumo sayo sokungazihlanganisi nemibhikisho, wathi bheka nje namuhla yibo abagenqeza ematekisini abo ngoba abantu ababonwa.