Abafuni ukugoba uphondo abaphikisayo eKenya
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ababhikishi bajikijele amaphoyisa ngamatshe enhlokodolobha yaseKenya kwathi abahlaseli bashisa ihhovisi eliphethwe yiqembu likamengameli edolobheni elisentshonalanga ngoLwesine ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho yesithathu ebihlelwe abaphikisi bakhe.
Izinkulungwane zijoyine imashi ebibizwe umholi weqembu eliphikisayo uRaila Odinga ephikisana nezindleko eziphakeme zokuphila kanye nezinsolo zokukhwabanisa evotini langonyaka odlule. Uhulumeni uthe ukuvota bekulungile, wavikela umlando wezomnotho futhi wacela ukuthi imibhikisho iphele.
Udlame luphinde lwaphazamisa imibhikisho yangoMsombuluko, kanye nemibhikisho yokuqala yangoMsombuluko owandulela lowo, nokuholele ekutheni abaholi bemphakathi bazame ukudambisa isimo ngenxa yokwesabela udlame lwezinhlanga uma kuqhubeka kanje kulelizwe.
IPhini likaMengameli uRigathi Gachagua unxuse ababhikishi ukuthi bagoduke ngoLwesine. “Sitshela umholi uRaila Odinga, ukuthi ukuphela kwendlela yokungena kuhulumeni ivoti.”
Ngasekuqaleni kosuku, u-Odinga udlule endaweni yasePipeline eNairobi ehamba nohide lwezimoto nabanye abaholi bamaqembu aphikisayo, njengoba amakhulu abalandeli bemasha behambisana nabo, bevayizisa amagatsha, amasoso namaphakethe angenalutho kafulawa.
USteve Odhiambo, oneminyaka engama-31 ubudala othweswe iziqu ongasebenzi, uthe ubhikishela ukungavumelani nemphumela yokhetho, ukuntuleka kwemisebenzi kanye namanani aphezulu okudla.
“Sifuna uRaila asitshele (sibhikishe) nsuku zonke… Ngisho nasebusuku – sesimi ngomumo,” kusho u-Odhiambo. U-Odinga ucele imibhikisho njalo ngoMsombuluko nangoLwesine.
Intengo ka-2kg kafulawa wommbila, okuyisisekelo, inyuke yafinyelela ku-179.98 shillings ($1.36) ngoNhlolanja, isuka ku-134.79 ngoMbasa wezi 2022.
Ukwehla kwamandla emali eKenya kukhuphuke kwafinyelela kwama-9.2% unyaka nonyaka ngoNhlolanja isuka kuma-9.0% ngenyanga edlule, iqhutshwa kakhulu ngamanani okudla nezokuthutha.
Ababhikishi basole uMengameli uWilliam Ruto ngokuphatha budedengu, kanti abalandeli bakhe basole u-Odinga ngokusebenzisa intukuthelo ngokunyuka kwamanani entengo, okuyisigameko somhlaba wonke, ukuphoqa ukuthi kube nezivumelwano zezombusazwe kanye neqhaza kuhulumeni
Uhide ebelidlula ePipeline belunokuthula, kusho intatheli yeReuters, kodwa abanye bajikijela ngamatshe esiteshini samaphoyisa, nokuholele ekutheni amaphoyisa adubule ngesisi esikhalisa unyembezi.
U-Odinga uthe imoto yakhe ishaywe yizinhlamvu, nokuyinto abeReuters abangakwazanga ukuyiqinisekisa.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke akazange aphendule esicelweni sokuthi aphawule kanti okhulumela uMnyango wezangaphakathi wadlulisela iReuters emaphoyiseni.

